BAVUKE umbhejazane abazali babafundi baseKhalipha Primary, kwa-Z, eMlaza eNingizimu yeTheku baxosha othisha ababasola ngokufika ‘bedakiwe’ esikoleni.
Kume nse ukufunda kulesi sikole njengoba ngesikhathi somthandazo kuvele kwatheleka iqulu labazali.
Beliphethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi bakhathele othisha abacwila ezinkambini zikaFaro maqede bafundise abantwana babo.
Othisha abasolwa ngalokhu kuthiwa baphume ngesamagundane ngesikhathi bebona kutheleka iqulu labazali.
Isolezwe lithole ngomthombo ongaphakathi ukuthi izinto zimapeketwane kulesi sikole.
Kuthiwa sibhekene noxhaxha lwezinkinga ezinye zazo okuvele ukuthi sekuphele isikhathi zingaxazululeki.
Phakathi kwezinkinga abazali abakhala ngazo ukufika kothisha ngemuva kwesikhathi, ukuxetshulwa kwabafundi ngenduku, nokusheshe kuphume isikole.
Kodwa okuyikhona abazali abathi kubakhathaza kakhulu ukufika kothisha bezofundisa bedakiwe.
Abazali abakhulume neSolezwe bacele ukuthi agodlwe amagama abo bethi besaba ukuthi izingane zabo zizohlukunyezwa othisha.
"Iyasicasula le nto yothisha abafika njalo bedakiwe esikoleni. Ibuhlungu le nto abayenzayo. Sesikhathele sifuna iphele le nto,'' usho kanjena umzali.
NgoJuni kuvele ukuthi othisha bathi kunohambo ngakho abafundi kumele bakhokhe o-R500 ngamunye.
"Wake wakuzwaphi wena ukuthi ingane efunda emazingeni aphansi ingakhokhiswa imali engaka?,'' kubuza umzali ngokunengeka.
Kuthiwa abazali bagcina beyikhokha le mali yize base betholile ukuthi imali esalayo othisha bahlukaniselana yona bathenge utshwala.
Ngosuku lohambo othisha ababili kuthiwa bangqimuzana ngesibhakela bebanga ukuthi kukhona orobhe omunye imali wamnikeza encane.
Umzali osesigungwini esilawula isikole naye ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe ukhale ngokungazihloniphi kothisha bakulesi sikole.
Uthe benza kube ikwamachanca kwampunzi edla emini kusona. Uthe kabasazi ukuthi bathatheni bahlanganise nani ukuze isimo sibuyele kwesijwayelekile.
Njengamanje lesi sikole kuthiwa sesiqashe uthishanhloko omusha, uNkk Thenjiwe Mbhele okuthiwa uthunywe uMnyango wezeMfundo ukuba azoqondisa okonakele.
Ungene esikhundleni sikaMnuz uNdlovu okuvela ukuthi ebuholini bakhe izinto bezibhimba kakhulu.
Kuvela ukuthi uthishanhloko omusha uzama ngakho konke okusemandleni ukulungisa isimo kodwa othisha abamazi nokuthi uyisidikiselo saliphi ibhodwe.
"Abanye othisha balimisa ngesihloko elokuthi ngeke baphathwe ngumuntu wesifazane,'' kusho ilungu lesigungu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz uMuzi Mahlambi uthe ucela ukubuye athintwe usasemhlanganweni.