NKOSIKHONA CELE
ASALE eshaqekile amaphoyisa asesiteshini saseMsunduzi, eMgungundlovu ngesikhathi elinye iphoyisa elingu-Warrant Officer ebelidle amponjwana livulela ngenhlamvu kozakwabo ababili.
Umthombo uveza ukuthi leli phoyisa ebelidle amponjwana lifike emsebenzini lidakwe lingazazi nokuthi lingubani.
Kuthiwa lingene emsebenzini limemeza lihlulwa nawukuhamba lidlubhe umfaniswano wezakwadalawane kubonakala nje ukuthi libukhile.
Kuvela ukuthi kuthe lawa amanye amaphoyisa amabili uma elibuza ukuthi lisithathaphi isibindi sokuthi lingeza emsebenzini libukhe ngaleya ndlela, kwasuka esinamathambo liwabuza ukuthi wona awadakwa yini.
Khona lapho kuthiwa kuphakame imimoya, nokugcine ngokuthi odakiwe akhiphe isibhamu adubule labo zakwabo ababili, ngaphakathi esiteshini.
Amagama alawa maphoyisa agcine engazange atholakale.
Umthombo utshele leli phephandaba ukuthi kube wubutatata amanye amaphoyisa ezama ukunqanda lo odubulayo, nokuyinto athe ibinzima kwazise umunwe wakhe ubusendaweni yokudubula.
Kudubuleke iphoyisa elilodwa laphuthunyiswa esibhedlela kungozi makhaza.
Kuvela ukuthi leli phoyisa ngemuva kokudubula, lidlubulundelile labaleka ngeveni yamaphoyisa kodwa lagcina likhalalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Amaphoyisa akulesi siteshi kuthiwa agcwale izinkalo elithungatha abuya nalo liphila. Abaseduze kwesiteshi kuthiwa abawuvali umlomo njengoba bethi bayokuxoxela amagwababa echobana abakubonile.
"Asiyazi ngampela thina le nto eyenziwa yileli phoyisa. Ukudubula ozakwenu phakathi esiteshini ... isibindi esingaka ukuthi usithathaphi nathi kasazi,'' kusho umthombo.
ISolezwe Ngempelasonto litholile ukuthi kuyinto eyinsakavukela ukufika kwamaphoyisa akulesi siteshi eze emsebenzini enuka phu utshwala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseMsunduzi aphenya udaba lwephoyisa okusolakala ukuthi lidubule labhekisa kozakwabo.
"Kusolakala ukuthi kube nengxabano phakathi kwalawa maphoyisa okuyiyona egcine iholela ekutheni elinye ligcine selidubula libhekise kozakwabo,'' usho kanje.
Uthe lesi sigameko senzeke esiteshini samaphoyisa.
Okhulumela uphiko olubhekelele amacala enziwa ngamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uMnuz Phaladi Shuping uthe bazolulandelela udaba bathole umnyombo walo.