LIKHALE ngomkhuhlane onzima ohlasele ejele laseWestville iphoyisa eliboshiwe lase licela imantshi ukuba ilivumele lihambe nemishanguzo yokuthithibalisa umkhuhlane uma selibuyela esitokisini.
UConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (48), othweswe icala lokushaya abulale unina ngepulangwe elinezipikili, ushaye indesheni emantshini eyicela ukuba imvumele abuyele esitokisini nomuthi womkhuhlane.
Uqale waba nenguyazana nommeli wakhe eNkantolo yeMantshi yasePinetown, emcela ukuba amcelele emantshini ukuthi imvumele anikezwe umuthi womkhuhlane.
Kuthe imantshi isamunyunga isicelo, wezwakala uXaba esekhuluma nayo ngqo ngesiZulu ethi: “Ngiyakucela nkosi yenkantolo, ngivumele ngihambe nomuthi womkhuhlane.”
Imantshi ibuze iphoyisa lasenkantolo ukuthi kuvumelekile yini okufunwa uXaba laphendula ngokuthi cha.
Ube esechithwa kanjalo uXaba kwabekade ekufuna, amaphoyisa ase eyamqhuba esembuyisela esitokisini.
Ngaphambi kwalokho ummeli kaXaba ubekade efake isicelo enkantolo sokuthi lihlehliswe icala ngoba kunemininingwane ephathelene necala ayidingayo kuMbuso.
Nebala imanthi ikugunyazile lokho icala yalihlehlisela uJuni 26 nonyaka.
Phambilini uXaba wanqatshelwa ibheyili amahlandla ehlukene. Useshintshe abameli baze baba bahlanu.
Ukubambezeleka kwecala sekuthukuthelisa amalungu omndeni wakhe afuna liqulwe liphele bese egwetshwa udilikajele uXaba.
UXaba useke wafika enkantolo efake umnazaretha nomgexo waKwaShembe nokuyilapho acela khona ukuthi kuhlehle icala ngoba ethi kubuhlungu izinsini akukhulumeki.
Izolo ubebukeka ezikhululekele egqoke i-jean eluhlaza okwesibhakabhaka nesikibha esimnyama esinemikhono emide, eklame izinwele nentshebe yakhe kahle.
Abengabonwa nangalukhalo enkantolo amalungu omndeni wakhe ajwayele ukufika ezothamela icala.
UMbuso usola uXaba ngokuthi washaya kanzima wabulala unina uNkk Greta Xaba (81) owayehamba ngesihlalo esinamasondo ngenxa yokukhubazeka.