LISOBISHINI ikhehla (75) elidonsa isigwebo sikadilikajele eseliphinde lavulelwa amacala okusabisa nokufuna ukugwazelwa uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi.
Isiboshwa uJacob Yende, sisolwa ngokufonela futhi sithumele imiyalezo kaWhatsapp uMotsoaledi sifuna ngodli uR80 000.
UYende uvele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yasePitoli emuva kokuthola amasamanisi ngoJulayi 29 nonyaka.
OKlebe bathi ngoDisemba 29, 2022 uMotsoaledi esenguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya wafonelwa indoda eyazibiza ngoVusi.
Kuthiwa uVusi watshela ungqongqoshe ukuthi uyinkabi eqashelwe ukuthi imyise kwagoqanyawo futhi usekhokheliwe uR40 000 omunye uR20 000 uzowuthola uma esephothle umsebenzi.
Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale, uthe uVusi wabe esefuna ungqongqoshe ukuthi amfakele uR80 000 kwi-akhawunti yasebhange uCapitec ngoba wayekholelwa ukuthi uhloniphekile futhi unomusa.
Kuvela ukuthi udaba lwabikwa esiteshini samaphoyisa eBrooklyn kwaqala uphenyo olwavundulula ukuthi obeshaya ucingo usejele.
OKlebe bathi kwabe sekupeqululwa ejele kwashaqwa amafoni namaSIM cards.
“Iziboshwa eziyisishiyagalombili zanikezelela ngezitatimende, esinye sazo umnikazi we-akhawunti yasebhange eyanikezwa ungqongqoshe. Kwavela ukuthi lendoda inguJacob Yende odonsa isigwebo sikadilikajele ejele laseWitbank,” kusho uCol Mogale.
UYende kulindeleke abuyele kule nkantolo ngoSepthemba 9 nonyaka ukuze athole ummeli.