WEHLULEKE wancama ufakazi woMbuso ukuyamanisa ukubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa nesibhamu esatholwa kummanngalelwa wesithathu kuleli cala.
Ufakazi, uSergeant Mandla Masondo, ongene kuqala ebhokisini lofakazi izolo, nguye owabopha ummangalelwa wesithathu, uMnuz Mthokoziseni Mncube, ngoFebhuwari 9, 2015.
Utshele inkantolo ukuthi wayesebenzisana namanye amaphoyisa ophiko oluphenya amacla odlame lwamatekisi ezingeni lesifundazwe eGauteng.
Kulawo maphoyisa uthe kwakukhona noSergeant Bhekumuzi Dlamini, naye owethule obakhe ubufakazi enkantolo khona izolo.
Inkantolo izwe ukuthi uMncube ngesikhathi eboshwa waboshelwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Kanti ukuboshwa kwakhe kulandela ukuthi amaphoyisa ethole ukuthi uyathinteka kwelinye icala lokubulala omunye owayesembonini yamatekisi.
UMasondo ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ummeli kaMncube, u-Advocate Charles Mnisi, uvumile ukuthi akukho okwatholwa imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu esatholwa kumsolwa okusihlanganisa nokubulawa kukaMeyiwa.
UMnisi uqale wendlalela ngokuthi leli cala eliphambi kwenkantolo lenzeka ngo-Okthoba 26, 2014.
Waqhuba wathi ummangalelwa bambopha ngoFebhuwari 9, 2015.
“Nambopha emva kwezinyanga ezintathu kwenzeke isigameko sokubulawa kukaSenzo. Uma kuwukuthi kukhona okwatholakala eVosloorus ngo-2014, kufanele ingabe kukhona okwavela ngesikhathi uhambisa isibhamu sikammangalelwa?” kusho uMnisi.
UMasondo uphendule ngokuthi: “Akukho kulesi sibhamu esasithola ngoFebhuwari 2015, okusihlanganisa naleli cala eliphambi kwenkantolo. Ukube bekukhona ngangizokuthola.”
UMnisi uphendule ngelithi, isona kanye isizathu esenze ukuthi avalele ekhoneni ufakazi ngalo mbuzo.
Ngaphambi kwalokho, uMasondo uveze ukuthi okwatholakala ngesikhathi isibhamu siyohlolwa inombolo yaso eyabe icishiwe kusona ngesikhathi besithola kummangalelwa.
Uthe kwavela ukuthi kwakungesenkampani yonogada iFedility eyayisebenza endaweni yaseCenturion.
Ngezikhathi zasemini ubuphothule ubufakazi bakhe uMasondo, walandelwa uSergeant Bhekumuzi Dlamini, naye owayekhona ngesikhathi kuboshwa uMncube.
Emva kokwethula ubufakazi bakhe, uMnisi umvalele ekhoneni ngamalungelo ammangalelwa.
Umsole ngokuthi ngesikhathi bembopha uMncube abazange baqinsekise ukuthi uyawaqonda amalungelo akhe.
UDlamini uzihlangulile wathi akusiye owatshela ummangalelwa ngamalungelo akhe, umuntu owenza lokho uMasondo, yena uyasho nje ngoba wezwa emtshela.
UMnisi uliphosele inselelo leli phuzu ethi uMasondo obesesonge ubufakazi bakhe akazange ayithi vu eyokutshela ummangalelwa ngamalungelo akhe ebufakazini abethule phambi kwentantolo.
Ubufakazi obuhlanganise uMncube necala lokubulawa kukaMeyiwa ilobo obatholwa kwiselula sakhe, obufaka phakathi izithombe zezibhamu, ezinye zazo ezazinamagama athi “Umshini wami wokubulala.”
Icala liyaqhubeka namuhla.