ISHIYE isililo imvula enamandla ehlasele ePhahleni ku-ward 12, kuMasipala, iDkt Nkosazana Dlamini Zuma ngoMgqibelo.
Phakathi kwezigameko ezenzeke kule ndawo, kuminze izingane ezimbili zamantombazane, uNqobisa Sithole (10) noMbali Mthembu (15) ngesikhathi bezama ukuwela emfuleni iHhana obudla izindwani.
Esigamekweni sesibili, indlu yodaka iwele phezu komfana oneminyaka emihlanu nonina. Kuthiwa unina womfana ube nenhlanhla yokuthi bamtakule esaphila kodwa indodana yakhe itholwe isishonile.
Lilandisa Isolezwe ikhansela lendawo, uMnuz Vusi Mthembu izolo lithe izingane bezikade zisemcimbini obusendaweni kodwa ngaphesheya komfula.
Uthe izulu ebelikade lilihle kusukela ekuseni, liphendukile ngezikhathi zasemini, lana imvula enkulu, izingane zisahleli khona lapho obekunomcimbi khona.
Uthe kuthe sezibuya, zabuya ngemoto yomuntu othile, bezizinhlanu phakathi kuyo.
“Kuthe uma efika eduze komfula umshayeli wemoto, ebona ukuthi umfula ugcwele kakhulu, wazehlisa nganeno komfula, ebona ukuthi kuzoba yingozi ukuthi aziwelise ngemoto,” kusho uMthembu.
Uthe kulezi zingane ezinhlanu, ezine zazo zizamile ukuwela yize umfula ubugcwele nokuyilapho ezimbili zazo zimuke khona namanzi.
“Owesihlanu, uma esho uthi uzamile ukuthi abakhuze, ebabonisa ukuthi abake bathi ukulinda amanzi ehle kodwa, ngobungane zangabubona ubungozi bawela ngenkani. Ilapho-ke ezimbili zimuke khona namanzi, kwathi ezimbili zasinda,” kusho uMthembu.
Uthe ezintathu ezingamukanga ezihlabe umkhosi komakhelwane abaseduze nasemakhaya alaba abaminzile ukuthi sekwenzeke umonakalo.
Amathimba abatakuli avela ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni amatasa ayabheka emfuleni ukuthi abaveli yini abantwana abamuke namanzi.
Unina kaNqobisa uthe kubuhlungu okubavelele kwazise bebengakulindele.
“Ngesikhathi izingane zihamba emakhaya, belilihle izulu. Kungekho okukhombisa ukuthi lizothi lishona, lishone seliyidliva, kuphethe ngokuthi simukelwe yizingane. Siphatheke kabi. Sihleli lana ngasemfuleni , silindile ngesikhathi abatshuzi bematasa, befuna izingane zethu,” kusho uNkk Sithole.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngkuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka ukuqinisekisile ukuthi amathimba ezimo eziphuthumayo anikele kule ndawo ukuyosiza umphakathi.
Unxuse izakhamuzi ukuthi ziqaphele njengoba lesi sifundazwe silokhu siqhubeke njalo nokubhekana nezigameko ezimbi ezidalwa ukushintsha kwesimo sezulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko sokuminza kwamantombazane amabili ebhulohweni elifishane eBulwer.
Uthe lamantombazane asabhekwa amaphoyisa.