ISHIYE kukhalwa komasipala abehlukene KwaZulu-Natal, imvula enamandla ehambisana nomoya nesichotho, eqale ukuyidliva ngoMgqibelo ntambama.
Lesi simo sezulu sishaye kwazwela ezindaweni ezakhele uMasipala uMtubatuba njengoba lishone elayizolo kubikwe ukuthi bane abashonile ezehlakalweni ezehlukene.
Ababili kubona kuthiwa yizingane zandawonye zomndeni wakwaZungu eMachibini eWadi 9, ezineminyaka ephakathi kowodwa nemibili.
Kuthiwa uphahla lwendlu luwele kuzona ngesikhathi lupheshulwa yisishingishane, ngezintatha zayizolo. Kuthiwa kushone nengane eneminyaka engu-13 yaseManandi kuyo le ndawo. Kuvele ukuthi kukhona omunye oshonile Isolezwe elingakwazanga ukuthola iminingwane yakhe ngesikhathi sokushicilela.
Ibalelwa ku-70 imizi ecekeleke phansi ezindaweni ezakhele lo masipala ezisezindaweni ezehlukele, okubalwa KwaMachibini, KwaSomkhele, KwaManandi naKwaMyeki.
Kuthiwa kuguguleke nesikole Ingaqa Primary.
IMeya kaMasipala waseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka ebihambele ezindaweni ezihlukene ukuhlola umonakalo, ithe eminye imindeni kudingeke ukuthi ifihle amakhanda komakhelwane nasezihlotsheni ngenxa yenhlekelele.
“Isimo sibi ngendlela eyisimanga. Kucekeleke phansi ingqalasizinda, imizi ithinteke ngezindlela ezingafani njengoba eminye kuphephuke uphahla, kwathi eminye kwadilika nezindonga.
Esikwenzayo wukuqinisekisa ukuthi sinikeze abehlelwe yishwa izinto zokwembatha, sixhumana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni ukuthi usondele unikeze usizo,” kusho uMdaka.
Uthe kulindeleke ukuthi kufike naboMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ukuze kubhekwe ukuthi bazosizakala kanjani ngendawo yokufihla ikhanda okwesikhashana abakhahlamezekile.
Uthe ngenxa yokuzwana nokubambisana komphakathi, abekho abantu abathuthelwe ezikhungweni zomphakathi kodwa bancikiswe komakhelwane nasezihlotsheni, okukhombisa ubuntu. Uveze ukuthi bakhona nabalimele esigamekweni.
Isitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuBusa ngoBambisana KwaZulu-Natal, siveze ukuthi abanye omasipala abakhahlanyezwe yile nhlekelele yiGreater Kokstad, uMzimkhulu, Mgungundovu, Mpofana nasoLundi.
Kuthiwa zingu-23 izindlu ezicekeleke phansi emijondolo eRosetta ngaphansi kukaMasipala iMpofana. OLundi kucekeleke phansi imiqasho, ayikho imibiko eveza ukuthi kukhona abalimele kulezi zindawo.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi uqinisekise ukuthi bayasebenzisana neminye iminyango kahulumeni ukusiza abakhahlamezekile.
“Amathimba ethu azosebenzisana nomasipala abathintekayo ukubheka umonakalo nokubona ukuthi uhulumeni angangenela kanjani.
Sidlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abalahlekelwe ngabathandiweyo babo. Nakuba izimo ezinje singeke sikwazi ukuzigwema kodwa siyawunxusa umphakathi ukuthi uqaphele, ubalekele ezindaweni eziphephile uma kwenzeka,” kusho uNkk Sithole Moloi.
UMnuz Mkhushulwa Msimang wezeSimo seZulu eNingizimu Afrika, uthe kulindeleke ukuthi namuhla licwathe, ngakho ayikho imvula elindelekile esifundazweni.