INHLANGANO eholela izibonelelo iSouth African Social Security Agency (Sassa) nePostbank icele abantu abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba bavuselele amakhadi abo.
Amakhadi avuselelwayo yilawo aphelelwa yisikhathi kule nyanga abhale ukuthi aphelelwa yisikhathi ngo-03/2023.
UMnuz Paseka Letsatsi weSassa ugqugquzele abantu abanamakhadi aphelelwa yisikhathi kule nyanga ngokuyolanda amasha eposini eliseduze nabo kusukela ngoMsombuluko (Mashi 13).
Abantu abanamakhadi aphelelwa yisikhathi ngezinye izinyanga bazobuye baziswe ukuthi bazowalanda nini awabo njengoba okwamanje kuzobe kusizwa labo abanamakhadi aphelelwa yisikhathi ngoMashi.
NgoMsombuluko nangoLwesibili kuzobe kunikwa amakhadi amasha labo abahola impesheni yobudala nabahola eyokukhubazeka.
Kuzothi njalo ngoLwesithathu kuze kube wuMgqibelo kusukela ngoMashi 15, kuzokhishwa amakhadi abantu abahola izibonelelo zezingane nezinye.
Abantu abazolanda amakhadi amasha bacelwa ukuthi baphathe amakhadi abo azophelelwa yisikhathi kule nyanga nomazisi.
Uma sebeseposini bazocelwa ukuthi bafake izinamba eziyimfihlo ezizobasiza uma bekhipha imali noma bethenga ngamakhadi abo.
Amakhadi amasha azonikwa abanikazi bawo okusho ukuthi akuthunyelwa muntu ukuthi ayolandela omunye. Abazolandelwa yilabo vele okusemthethweni ukuthi baholelwa ngabanye.
Abalahle amakhadi abo aphelelwa yisikhathi kule nyanga nabo uLetsatsi, uthe kufanele baye eposini bayothola amasha. Kuzodingeka izinsalela zeminwe ukuqinisekisa ukuthi ozofuna ikhadi elisha kufanele yini alithole.