SELIQALILE isasasa kuMasipala waseThekwini ngomcimbi wokunikezwa kweSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, isitifiketi, ozoba sedolobheni ngesonto elizayo.
UMasipala waseThekwini ususungule ikomiti elakhiwe ngamalungu amathathu esigungu esiphezulu, elijutshwe ukuba lenze isiqiniseko sokuthi umcimbi wangesonto elizayo uba yimpumelelo.
Umkhandlu uhlela ukukhipha unyawo emalungiselweni omcimbi njengoba uhlela ukuba nemikhankaso eyahlukene lapho uzobe unxenxa abantu ukuthi baye emcimbini ozokuba senkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida.
Umkhandlu ulindele ukuthi umcimbi wangesonto elizayo ufukule umnotho wedolobha njengoba kulindelwe izindimbane zabantu ukuba ziwuthamele.
UMengameli Cyril Ramaphosa wuyena ozonikeza ngokusemthethweni iSilo isitifiketi.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kuMasipala waseThekwini uzwe ukuthi uMnuz Nkosenhle Madlala, Nkk Zama Sokhabase, noMnuz Thanduxolo Sabelo, bazobe besekomitini elijutshwe ukwenza amalungiselo omcimbi wangesonto elizayo.
Umbiko owethulelwe umhlangano wayizolo, uveze ukuthi umasipala uzonikela ngenkundla iMoses Mabhida, ezosingatha abantu abangu-49 000.
Umasipala uzophinde unikele ngePeople’s Park, ezosingatha abantu abangu-30 000.
Ingxenye yePeople’s Park izosetshenziswa ngamabutho, kwenye kuzokapakela abantu uma inkundla isigcwele.
UNkk Sokhabase uthe kubalulekile ukuthi umcimbi wangesonto elizayo ube yimpumelelo.
“Siyobe siqala sigcina ukubona umcimbi walolu hlobo. Lo mcimbi uzokwenza ukuthi iTheku laziwe ngokuba yidolobha elikwazi ukusingatha imicimbi esezingeni eliphezulu.”
Umasipala uthe uhlele imikhankaso eminingi lapho uzobe ugqugquzela abantu ukuthi baye emcimbini wangesonto elizayo.
USabelo uthe bazohambela izindawo eziningi ezahlukene eThekwini lapho bezobe benxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi.
“Sizohambela izindawo eziningi ezahlukene nezinhlangano ezahlukene, okubalwa kuzo amahostela nezindawo zasemakhaya ezingaphansi kweTheku, lapho sizobe sikhuluma nabantu. Sizohlangana namakhosi nezinduna.”
USabelo uthe umasipala uzokhipha izinto zokuthutha abantu abangaphansi kwawo.
Uthe umcimbi uzodala amathuba ezomnotho amaningi.
“Sesikulungele ukwamukelwa izinkulungwane zabantu ezizofika eThekwini. Lona kuzokuba umcimbi omkhulu futhi uzokuba nomthelela omuhle emnothweni waseThekwini. Lapha silindele amakhosi aqhamuka kwamanye amazwe. Izindawo zokulala zizokube zigcwele ngosuku lomcimbi.”
USabelo uthe umcimbi uzohlomulisa osomabhizinisi abasafufusa, ikakhulukazi abadayisa imvunulo.
“Baningi kakhulu abantu abadayisa imvunulo. Nasehostela eDalton uyabathola. Mhlawumbe kusafanele sibahlanganise abantu abadayisa imvunulo, sibacobelele ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi abo.”
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe bahlela ukuyokotha iSilo maduze.
“Yonke imikhandlu isiyile kokhuleka, kusele thina. Kubalulekile ukuthi nathi siye kokhuleka eSilweni.”
Basikaza ukuyokotha iSilo ngale mpelasonto, ngaphambi komcimbi wangesonto elizayo.
Khonamanjalo iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal iye kokotha iSilo esigodlweni KwaKhangelamankengane izolo.
UNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube wethule eSilweni ngokusemthethweni ongqongqoshe beminyango yaKwaZulu-Natal, emhlanganweni wayizolo.