KULULEKWE abesifazane abasembonini yezokuthutha emcimbini obuhlelwe yiSantaco KwaZulu Natal ne-Ethekwini MetroTaxi Council (EMTC) ilekelelwa yiMoja Cruise, eMlazi Cinema, namhlanje.
UMnuz Ndabe Myeza ongumeluleki kubantu abanezifo zengqondo nomphefumulo, utshele abesifazane abebephume ngobuningi babo ukuthi kumele baqaphele ukuthi abazidonseli izikhohlakali uma kwenzeka kudlula abayeni babo emhlabeni.
“Sekunomkhuba wokugqoka izingubo ezimnyama, kuthiwe inzilo. Ayikho leyo nto, empeleni lokho ukuzidonsela izikhohlakali ezizobona ithuba lokushela ngoba umuntu ebona ukuthi lowo ogqoke lezo zingubo ushonelwe ngumyeni,’’ kululeka uMyeza, ophinde wathinta izinto eziningi ezimayelana nokuziphatha komuntu wesifazane.
UMnuz Yusuf Khaliva ophethe isifunda iDurban Central, uthe abesifazane kumele bazi ukuthi uSathane ugcwele yonke indawo, ikakhulukazi la okusuke kukuhle khona.
“USathane ufike anyomfe, uthi ulalele umuntu ubone ukuthi akusakhulumi yena kodwa kukhuluma uSathane, afune ukunyomfa bonke ubuhle bento ngenxa kaSathane,” kuchaza uKhaliva.
Uphinde waveza ukuthi abantu besifazane bangawakhohlwa amandla abanawo njengoba bewumgogodla wakho konke okuthinta ikhaya.
AbeSantaco bakucacisile ukuthi bonke abantu banalo ilungelo lokungenela izikhundla zokuhola kwiSantaco, kuhlanganisa nabo omama.
Lo mcimbi uyingxenye yokugubha inyanga yabesifazane njengoba kunezifunda ezinhlanu. Kulokhu bebehambele isifunda esibizwa ngeNingizimu 2, kusazoyiwa eNingizimu 1, Durban Central, Greater North neDurban West.
Inhloso enkulu yokuhambela lezi zifunda ukuthola ulwazi lwezinto ezihlukumeza omama. Kuzobe sekuba nomcimbi wokugubha inyanga yomama ngomhlaka 25, 26 no 27 e-ICC.