UMPHATHI webhange lombuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), uMnuz Lesetja Kganyago, uthi ngeke ishintshe maduze imali mboleko, isazohlala ku-8.25%.
UKganyago usho lokhu ngoLwesine ngesikhathi ememezela ukuthi amalungu athatha izinqumo ngemali mboleko avumelene wonke ukuthi ayingashintshi. Lokhu kusho ukuthi inzalo ekhokhwa ngababoleka imali emabhange izohlala ku-11.75%.
Uthe okwamanje ikomiti elinquma ngemali mboleko eSarb lizobheka okwenzekayo ngaphambi kokuthatha isinqumo esihlukile. Uveze ukuthi imali mboleko ingase yehle ngonyaka ozayo.
Uncome ukuthi ugesi usudonse isikhathi eside unganqamuki, wathi kulokoza inhlansi yethemba ngokukhula komnotho waseNingizimu Afrika.
USolwazi Bonke Dumisa, ongumhlaziyi womnotho ozimele, uthe bekulindelekile ukuthi iSarb igcine imali mboleko ku-8.25% ngenxa yokuthi ifuna amandla emali abe phakathi kuka-3% kuya ku-6%.
Uthe ngeke yehle uma amandla emali eseko-5.2%.
Isazi somnotho saseFNB, uNkk Mamello Matikinca-Ngwenya, naso sithe akumangazi ukuthi imali mboleko ayishintshanga ngoba ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi ingase yehle ekoteni yesibili yalo nyaka.
UMnuz Mervyn Abrahams, wenhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, ucele uKganyago ukuthi ehlise imali mboleko ngoba iyabashaya abantu abampofu.
Uthe yize bekuqonda ukuthi inyuselwa ukuthi abantu bangazenzi izikweletu kodwa vele abampofu abasazenzi ngoba badonsa kanzima kunalokho basala bengenamali ngenxa yenzalo abayikhokha ezikweletini zabo.
Lesi sinqumo uthe sivuna abacebile ngoba akuzweli kangako kubona.