IZINHLANGANO ezilwa nenkohlakalo kuleli zithi akumangazi ukuthi ucwaningo lwenkohlakalo emhlabeni jikelele luveza ukuthi isadla lubi inkohlakalo eNingizimu Afrika.
Lolu cwaningo, olubizwa ngeCorruption Perceptions Index (CPI), olwenziwe yiTransparency International, luveza ukuthi iNingizimu Afrika ithole amaphuzu awu-41 kwawu-100 uma kuziwa ekulweni nenkohlakalo.
Ngokusho kukaMnuz Karam Singh, onguMqondisi weCorruption Watch, iNingizimu Afrika ibuyela emuva uma kukhulunywa ngokulwa nenkohlakalo.
Ubalule ukuthi embikweni odlule iNingizimu Afrika yayinikwe amaphuzu awu-44 okusho ukuthi ayilwi nenkohlakalo ngokwanele.
“ENingizimu Afrika sinezikhungo ezikwaziyo ukuveza inkohlakalo kodwa inkinga iba sekulweni nayo ngokuthi kujeziswe abeba imali. Kubi ukuthi ngesikhathi iqala ukungena kulolu cwaningo olubheka inkohlakalo emazweni awu-180 ngo-2012, yayinikwe amaphuzu awu-43. Manje isinawu-41. Isohlwini lwamazwe anentando yabantu entengayo,” kusho uSingh.
Ugqugquzele abantu bakuleli ukuthi baqhubeke nokuveza inkohlakalo ukuze izinhlaka zomthetho zizojezisa abathintekayo.
Uthe kulolu cwaningo amazwe angalwi nhlobo nenkohlakalo anikwa uzero bese kuthi lawo angenayo nhlobo inkohlakalo anikwe u-100.
INingizimu Afrika ithole amaphuzu afanayo naweBurkina Faso, Kosovo neVietnam.
Amazwe enze kabi ukudlula iNingizimu Afrika yiGabon ethole amaphuzu awu-28, Liberia ethole awu-25, Equatorial Guinea ithole 17, South Sudan yanikwa 13, kwavala iSomalia ngo-11.
Amazwe enze kahle ukudlula iNingizimu Afrika yiSeychelles ethole 71, Cabo Verde ngo-64 neBotswana ngo-59.
UMnuz Wayne Duvenage, we-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), uthe bebelindele ukuthi iNingizimu Afrika yehlelwe ngamaphuzu ngoba akekho ojezisa abenza inkohlakalo.
Uthe kuyaphoxa kakhulu ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wathembisa abantu bakuleli ukuthi uzolwa nenkohlakalo kodwa mancane kakhulu amacala enkohlakalo agweba abadla imali kahulumeni.
Ukhale ngokuthi izinkampani zikahulumeni ziwile, umnotho awukhuli, kunenkinga yokuphehlwa kukagesi, amachweba namaguzu ngenxa yenkohlalo.
Uthe zonke lezi zinkinga ngabe azikho ukube abeba imali kahulumeni bayaboshwa bashushiswe bese bevalelwa ejele.
Uphethe ngokucela abantu ukuthi babike inkohlakalo ngoba imiphumela yayo ishaya wonke umuntu wakuleli.