NKOSIKHONA CELE
LIBUNGAZA ukuhlanganisa iminyaka ewu-24 labakhona iqembu lokholo elaziwa ngokukhonza ngomculo emabandleni ehlukene KwaZulu Natal.
I-Amazing Grace Gospel Music International, yasungulwa ngo-2001. Ngo-Ephreli 27, lizobe linendumezulu yenkonzo yokugubha iminyaka ewu-24.
Lisazomemezela ukuthi inkonzo izokube ikuphi nendawo kodwa liyaqinisekisa ukuthi izokube iseMlaza.
Umsunguli weqembu uMnuz Nhlahla Gebashe, uthe babonga ukwesekwa abakuthole emabandleni ehlukene kuyona yonke iminyaka selokhu baqala ukushumayela ngomculo.
Ebonga ukwesekwa emabandleni ehlukene uGebashe uthe: "Kuyona yonke iminyaka sikhona maningi amabandla akhombise okukhulu ukuseseka lokhu. Siyabonga kakhulu ngalokho. Sizoqhubeka nokudumisa ngomculo othandwa ngabazalwane.''
Uveze ukuthi bayazigqaja kakhulu ngomsebenzi obonakale wenziwa yiqembu kuyona yonke iminyaka edlule emculweni.
Eqhulwini uthe bayaziqhenya ngokuthi bakwazile ukukhiqiza abaculi abehlukene abanye babo abagcine beyozimela ngabodwana.
Phakathi kwabo ubalule igama lomsakazi woKhozi FM, owethula Ulibo Lokuqala, uPhindi P obuye abe ngumculi wokholo wathi waqala kubona.
Ubale noSamkelisiwe Mkhize okumanje uyingxenye yeJoyous Celebration. Udalule ukuthi sebekwazile ukuthi bakhiphe ama-albhamu ayisithupha.
Phakathi kwabaculi abaziwayo futhi abake basebenzisana neqembu kubalwa uBabo Ngcobo, no-Andile Mbili owazakhela igama elikhulu esacula kwiqembu Abanqobi.
"Inhloso enkulu yeqembu ukuthi siguqule isimo sempilo esingekho kahle ebantwini abasha ngokushintsha ingqondo yabo ibe yintsha ngokumesaba uJehova,'' uphethe kanje uGebashe.