OMPETHA bendebe yeMTN 8, i-Orlando Pirates, bathwale indebe bayoyethula phambi komholi waMaNazaretha eBuhleni inkosi Mduduzi ’Nyazilwezulu’ Shembe bezobonga.
Imithombo emibili yeSolezwe ngeSonto elwazi kahle udaba, ithi IBhakabhaka liqale lafika lazocela ukunqoba lase lifika selizobonga umphumela. Kuthiwa umhlangano ubuseMatabetulu ekomkhulu laseBuhleni eMzinyathi. Leli phephandaba lin-evideo ebonakalisa izithunywa zeBhakabhaka ezimbili zibeke indebe phambi kwazo, ziguqe namadoda nemjiva emhlophe kulindwe uNyazi ukuthi luphume.
Indebe iyabonakala, ibhokisi efakwa kulona liseceleni. Phambi kwabo kubekwe imbenge nesicephu, okukholakala ukuthi kunikelwa kuyo.
Kukhona indoda ebonakala imile nomjiva omhlophe, ilokhu ishaya amancoko nethimba lePirates, ibuza ngendebe ukuthi yakhiwa kuphi kanjani, ibabaza ubuhle bayo. Kuyo i-video iyezwakala indoda ichaza ukuthi yiPirates le izobonga njengoba inqobe indebe.
Ezimnyama zithele othulini iBloemfontein Celtic iPhunya Sele sele ngo2-1 emdlalweni obusenkundleni iMoses mabhida eThekwini ngoDisemba. Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe ukuqiniseksile ukuthi abeBhakabhaka bathelekile bezobona uNyazi. ’’Bebekhona bezobonga ukunqoba ngoba babekade befikile bezocela izibusiso. Inkosi phela yemukela wonke umuntu kayiyi ngokuthi ungubani ngoba iwubaba wethu sonke. AbePirates nje bemukelwe kahle, baze bacela nezinye izibusiso,’’ kuchaza uMncwabe.
Okhulumela iPirates, uThandi Merafe ulubambile ucingo wathi ucela umbuzo obhalwe phansi, bese ephendula. Uthunyelwe njengokwesicelo sakhe, wagcina engaphendulanga. Umthombo uthe maningi amaqembu ake efike ezobona uNyazilwezulu, ezocela okumhlophe. Kutheleka ngisho osopolitiki bezonikela, becela indlela emhlophe emkhakheni wabo.