LIZOBHAKUZISELA phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika iphoyisa likaMasipala waseThekwini eliyomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yoMkhalambazo (karate) phesheya kwezilwandle.
UMnuz Mhlengi Khoza kulindeleke ukuthi amabombo awabhekise enhlokodolobha yeChile, iSantiago.
Uyoba yingxenye yomqhudelwano wamazwe omhlaba ozokuba ngoDisemba 9 no-10 obizwa nge-6th International Karate Organization Matsushima World Cup.
Umasipala, ophikweni lawo lwamaphoyisa, usuhalalisele uKhoza wase umfisela okuhle kodwa endleleni yakhe ebheke phambili.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseThekwini, uColonel Boysie Zungu, uthe uKhoza uzobe engayile nje ukuyozimela yena kuphela kepha uzobe emele izwe noMkhandlu weTheku phesheya kwezilwandle.
“Uzobe emele nawo amaphoyisa aseThekwini uqobo. Kubalulekile ukuthi amaphoyisa azivocavoce ukuze ahlale eqatha. Ukarati ungenye yezindlela umuntu angakwazi ukuyisebenza azivikele ngayo uma ehlaselwa,” kuchaza uZungu.
Uqhube wathi uKhoza ungowesilisa ozinze khona eThekwini, oneminyaka embadlwana esembuthweni wabo wamaphoyisa eTheku.
Nakuba uZungu engandanga ngamaningi echaza ngempilo yaleli phoyisa nokuthi kufike kanjani ligcine liyomela izwe endebeni yomhlaba, uthe akangabazi ukuthi kungenxa yokusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela kwalo kwaleli phoyisa.
“Iphoyisa lethu lineqembu elingaphansi kwalo lomkhalambazo okuyilona ebeliyingxenye yokuhlungela lo mqhudelwano. Simfisela okuhle kodwa futhi anqobe, kusho uZungu.