NKOSIKHONA CELE
IPHOYISA lasoSizweni Police Station, eNewcastle, ngokubambisana nohlaka olulwa nobugebengu kule ndawo, seliqale umkhankaso wokuxwayisa abelaphi bendabuko ngobungozi bokusebenzisana nezinswelaboya.
UWarrant Officer Sipho Mlungisi Zondi, okumsukumise phansi wukwanda kwezigameko zezigebengu okuthi uma zibanjwa zikade zigila imikhuba yobugebengu, zitholwe nemithi ezisuke ziyilande kubelaphi bendabuko.
Ubale namabhande eziwabophela ezingalweni, ezikholwa wukuthi ayazivikela uma sezigila imikhuba.
uZondi uthi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi kungakanani ukusebenzisana phakathi kwabelaphi bendabuko nezinswelaboya okuyinto athi isiqala ukubakhathaza kakhulu.
''Sesitholile ukuthi izigebengu eziningi zihamba kakhulu kubelaphi bendabuko uma kukhona ezizokwenza okungukuganga. Sikholwa ukuthi uma abelaphi bendabuko benganciphisa ukuzilekelela izinswelaboya, kungancipha nobugebengu kule ndawo,'' usho kanje uwarrant.
Uthe lo mkhankaso uwuqala ngokubiza ukhukhulelangoqo womhlangano abize kuwo nabelaphi bendabuko. Lo mhlangano uzoba ngo-Agasti 30, ehholo lomphakathi eNewcastle. Uthe inhloso ukubaqwashisa ngokuthi uma benza lokhu, okanye uma isigebengu siyibalile inyanga, nayo iba mdibi munye nalobo bugebengu obusuke benziwe.
Ngaphandle kokuba yiphoyisa, uZondi uyisishoshovu esilwa nobugebengu kule ndawo. Ugcizelele ukuthi igxathu lokuqala lokunqanda lesi simo ukuxoxisana nabelaphi bendabuko.
"Kulo mhlangano sizobaqwashisa abelaphi bendabuko ngobungozi bokusebenzisana kakhulu nezinswelaboya. Siyethemba ukuthi lo mhlangano uzoletha ushintsho olukhulu mayelana nobugebengu kule ndawo esikuyona,’’ usho kanje.
Uthe bayafisa nokuthi izinhlangano eziphethe abelaphi bendabuko nazo zisondele ukuze kuzotholakala ikhambi kule ngwadla abazithola bebhekene nayo kule ndawo.
Uthe kuningi okunye okuhlabahlosile abazobhunga ngakho kulo mhlangano.
Isolezwe Ngempelasonto kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini lake labika kabanzi ngezigameko zokwanda kobugebengu kule ndawo.
Laveza ukuthi sekunamaqembu ehlukene ezinswelaboya ahlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo.