KUSOLAKALA ukuthi isikweletu semali yokushonisa sibe yimbangela yokudutshulwa, kufe iphoyisa elisebenzela eNsuze, eNdwedwe ngoLwesibili ebusuku, libulawa wuzakwalo. Kuthiwa ubesehlulwa wukukhokha imali abelikweleta yona.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi umufi (47) ubewumashonisa, eboleke umsolwa (47) imali abesehluleka ukuyikhokha, kanti ngoLwesibili ebusuku umthelekele emsebenzini wamdubula, washaya wachitha, emshiya efile.
“Baxabane bebanga ukuthi umufi ubefuna imali yakhe ebisinkulu, ayiboleka umsolwa. Bebesebenza ndawonye, kanti umsolwa ubengasebenzi ngosuku lwesigameko, wafika emsebenzini, wavulela ngenhlamvu kumufi, waphelela khona lapho,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda uqinisekise ukuthi umufi obewusayitsheni, ubesemsebenzini njengenjwayelo ngenkathi kwenzeka isigameko.
Uthe umphathi wesiteshi ubeqaphe isimo egcekeni njengenjwayelo ngenkathi kwenzeka isigameko, wezwa kuqhuma isibhamu, okuthe ephuthuma ngaphakathi, wazithela kumufi.
Umsolwa kuvela ukuthi uvuke izolo waya emsebenzini. Kusolwa ukuthi ubezitshela ukuthi akabonwanga muntu ngesikhathi esebaleka emuva kokudubula uzakwabo. Libe selimshonela esefike emsebenzini ngoba kulapho ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe amaphoyisa kumele azwane ngaso sonke isikhathi, agcine ubudlelwano babo bubuhle futhi avikelane.
“Abaphathi kumele baqaphe isimo zikhathi zonke futhi basondelane nabasebenzi ukusiza ukusheshe babone uma kunokungaboni ngaso linye. Umsebenzi wobuphoyisa uyafukuzisa futhi amaphoyisa abaluleke kakhulu, ngakho kumele abhekelelwe njalo.
“Lesi sigameko esenzeke esiteshini samaphoyisa sibi futhi yize umsolwa ezothathelwa izinyathelo zomthetho ngaso, kumele kwenziwe imizamo yokuphenya ngembangela yokufa komuntu endaweni okufanele ngabe amaphoyisa aphephile kuyona,” kusho uMkhwanazi.
UMkhwanazi ukhuthaze amaphoyisa ukusebenzisa izikhungo zangaphakathi eziteshini zamaphoyisa zokwelulekwa ukusiza ukuzigcina esesimweni esihle somqondo ukuze kugwemeke ukusebenzisa udlame ukuxazulula izinkinga.
UNobhala Jikelele wenyunyana ebhekele amalungelo amaphoyisa namajele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) uNksz Nthabeleng Molefe, uthe uzwelana kakhulu nomndeni wephoyisa elibulewe, wase ethembisa ukuthi bazobhunga nobuholi babo ukusiza ukugwema izigameko ezifuze lesi.
“Yize singakezwa ngembangela yalesi sigameko kodwa siyazi ukuthi amaphoyisa asebenza ngaphansi kwezimo ezinzima nezingenza kube nesimo esinjena, yingakho sihlale siwaluleka ukuvuleleka ngezimo abhekana nazo ukuze zilungiswe ngendlela efanele. Siyasigxeka kakhulu isenzo esinje futhi sizwelana nomndeni wephoyisa elibulewe,” kusho uNksz Molefe.
Ebuzwa ngezokuphepha emaphoyiseni, uthe kunzima ukuvimbela umsebenzi ukuza emsebenzini uma engasebenzi ngoba kungenzeka avike ngokuthi kunomsebenzi angawuqedanga, okumele awenze, wase ecebisa ukuthi kwandiswe amaphoyisa eziteshini ezishoda ngawo ukuze kuhlale kunabantu abanele ukumelana nokuqapha izimo ezahlukene ezindaweni zokusebenza.