LAKHOMBISA amaphoyisa indawo okwalahlwa kuyo isidumbu sikaMnuz Sihle Mtshare (27), laphinde labuyisa nefoni yakhe iphoyisa elisolwa ngokumbulala.
Lokhu kudalulelwe iNkantolo yeMantshi yasePinetown wumphenyi wecala, uMnuz Madoda Zulu wophiko oluphenya ngezenzo zamaphoyisa, i-Ipid.
UZulu ubethula ubufakazi eholwa wumshushisi, uNksz B Mncwango kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikaSergeant Ayanda Percival Ntombela, othe usesulile embuthweni wamaphoyisa.
UNtombela ubekwe icala lokuthumba, elokubulala okuhleliwe nelokweba ifoni kaMtshare nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UZulu uthe uphenyo lwabo abakaluphothuli futhi kusekhona abanye abantu abasazobabopha ngoba bakholwa wukuthi uNtombela wayengeyedwa ngesikhathi enza amacala asolwa ngawo.
Ulandise inkantolo wathi ngo-Agasti 21, uNtombela wathatha umufi koninalume wayomgquma esiteshini samaphoyisa eMariannhill, ngaphandle kokumbeka icala.
Entathakusa ngo-3 ngakusasa kuthiwa uNtombela wathatha umufi wayomvalela ezitokisini KwaNdengezi.
Kuthiwa uNtombela waqale waphika ukuthi uyamazi umufi nokuthi uyathinteka ekunyamalaleni kwakhe, nakuba wayekade esekhonjwe wufakazi owambona.
Kunalokho uNtombela kuthiwa wathembisa ukuthi uzolekelela ophenyweni ukuze atholakale umufi.
Kuthiwa ngoSepthemba 7, sekuphele izinsuku ezingu-17 kwanyamalala uMtshare, uNtombela wabuyisa ifoni kamufi emuva kokucelwa ngabaphenyi.
Ngakusasa ngoSepthemba 8, kuthiwa uNtombela wagonyuluka komunye wabantu abazoba wofakazi ecaleni, ukuthi ufonelwe wumuntu thizeni emazisa ukuthi sikuphi nendawo eCamperdown isidumbu sikamufi.
UZulu uthi uNtombela waya nabo kuleyo ndawo, nebala isidumbu satholwa yinja ehogela umkhondo epayipini elihamba amanzi.
Umphenyi uchaze uNtombela ngomuntu ongalibalekela icala futhi aphazamise ubufakazi nokusebenzela kwengalo yomthetho, uma ededelwa ngebheyili.
Ummeli kaNtombela, u-Advocate M Mkhize uthe ukubuyisa kukamsolwa iselula kamufi nokulekelela ngolwazi ukuze kutholakale isidumbu sakhe, kuveza ngokusobala ukuthi ummangalelwa ubambisene nengalo yomthetho.
UZulu uthe ijele laseWestville, okugcinwe kulo uNtombela yindawo ephephile kuyena kwazise nomphakathi uyabhikisha umfuna evalelwe.
Umphenyi uthe nakuba engeke aveze konke manje mayelana nophenyo abalwenzayo, kodwa badinga isikhathi esiyizinyanga ezimbili kuya kwezintathu ngaphambi kokuluphothula.
Enkantolo bekukhona unina kamufi, uNksz Sebenzile Phungula namalungu omphakathi waKwaSanti abebhikisha ngaphandle, befuna uNtombela ancishwe ibheyili. Bekukhona namalungu omndeni kaNtombela enkantolo.
Inkantolo ikuhlehlisele isonto elizayo ukuphothulwa kwesicelo sebheyili.