IPHOYISA elabizelwa ukuzophenya liphinde lithathe nezithombe, uWarrant Officer Thabo Mosia, lithi kuyalikhathaza ukuthi labizelwa endaweni yesigameko lapho okwadutshulwa khona owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, sekwedlule eside isikhathi.
Utshele inkantolo izolo ukuthi wabizelwa endaweni yesigameko ukuba ayoqoqa ubufakazi athathe nezithombe ngo-Okthoba 26, 2014, okungusuku okwadutshulwa ngalo uMeyiwa, kwagcina ngokushona, emva kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Lesi sigameko senzeka kubo kanina wengane yakhe uMeyiwa ongumculi uKelly Khumalo eVosloorus.
UMosia ubesephekwa ngemibuzo u-Advocate Sipho Ramasepele ongummeli kammangalelwa wokuqala nowesibili, oqale ngokuthi amfundele okunye owakusho esitatimendeni sakhe uMosia, lapho athi khona isigameko sabikwa kuye sekwedlule isikhathi esingamahora amane senzekile kanti nekheli lalapho esasenzeke khona wayengalinikwanga.
“Ngatshelwa ukuthi kuzofanele ngiyoqala esibhedlela ukuze ngithole ikheli eliqondile lendawo yesigameko. Konke lokho kulibaziseka kungenzeka ukuthi kwaba nomthelela ekutheni kuthikamezeke ubufakazi endaweni yesigameko.” kufunda uRamasepele esitatimendeni sikaMosia maqede wambuza ukuthi uyakuzwa lokhu?
UMosia uphendule ngokuthi uyezwa.
URamasepele uqhubeke wathi: “Ngokwakho, usho ukuthini ngalokhu owawukusho kulesi sitatimende?”
UMosia uphendule wathi: “Ngizama ukuchaza ukuthi noma iyiphi indawo yesigameko kufanele kuyiwe kuyo ngaphandle kokumoshwa kwesikhathi.”
Uqhube wathi ukulibaziseka kokuya endaweni yesigameko kungagcina kucekela phansi ubufakazi.
URamasepele ubuzisize uMosia ukuthi uma ethi wathola ucingo ngo-11.45 ebusuku, isigameko sibe senzeke emahoreni amane edlule ngabe uqinisile yini, uMosia waphendula ngelithi: “Yebo kunjalo.”
“Njengomphenyi, uyasho ukuthi kubalulekile ukuthi usheshe ukuya endaweni yesigameko ngokushesha ukuze ubone ukuthi ubufakazi buzogcineka ngendlela efanele, indawo yesigameko ivikelwe nokugwema ukuthi kungathikanyezwa ubufakazi?”
URamasepele waqhuba wathi: “Uzovuma ke njengomphenyi ohambela izindawo zezigameko ukuthi ukuhamba kwabantu abangavumelekile endaweni yesigameko kungabuphazamisa ubufakazi.”
“Kunjalo,” kuphendula uMosia.
“Ufanelwe ukuthi ukhathazeke ngokuthi wabizwa sekwedlule amahora amane kwenzeke isigameko ngoba phambilini kule nkantolo sekuke kwavela ubufakazi bokuthi omunye womakhelwane, uNkk Maggie Phiri, wasusa amakani otshwala endaweni yesigameko. Wathi akafuni amaphoyisa abone ukuthi bekuphuzwa utshwala, wabuye wahlanza indawo yesigameko, kuthini ukuphawula kwakho ngalokho?” kubuza uRamasepele.
Kulokhu uMosia walile ukuphawula wathi yena uyezwa kodwa akukho afuna ukukuphawula ngalokho.
Njengoba ligoqwa isonto kusasa, phakathi kobufakazi obuvelile kubalwa nobufakazi bamanye amaphoyisa amabili abangawokuqala ukufika endaweni yesigameko abathe bafica umalume kaKelly Khumalo, owathi yena akanalwazi oluningi mayelana nokwenzeka endlini, wayecelwe ngudadewabo ukuthi azoqapha ikhaya njengoba bonke ababekhona kwenzeka isigameko babesaphuthume esibhedlela.
Amaphoyisa atshele inkantolo ukuthi nawo anikela khona esibhedlela afike azithela phezu kwesidumbu sikaMeyiwa elele ebheke phezulu kweliye lamagumbi, kwayimane bethola ukuthi indlu abayishiya ingaqapheliwe eVosloorus yayiyindawo yesigameko.
Nanamuhla usazoqhubeka uMosia nokuphoswa ngemibuzo.