KUBOSHWE nephoyisa elidume ngokuqotha izigebengu ngenhlamvu uPedro Rodriguez (44) ecaleni lamaphoyisa ayishumi abhekene necala lokuzama ukubulala usomabhizinisi, uMnuz Thabiso Ngcobo.
ENkantolo yeMantshi yasePinetown, uRodrigues odume ngelikaPedro, uvele njengomsolwa ka-10, wanikwa ibheyili ka-R5 000.
Abanye abasolwa abangamaphoyisa kuleli cala bavele enkantolo emasontweni amabili edlule badedelwa ngebheyili. Bonke baboshwa uphiko oluphenya amacala okuthinteka kuwo amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID).
Kuvela ukuthi uNgcobo wayeshayela emgwaqweni uM13 ngasePinitown, ngesikhathi edutshulwa ehlezi emotweni yakhe.
Akazange alimale kodwa wonke lawa maphoyisa avulelwa icala lokuzama ukubulala.
Izolo ngesikhathi sekuvele uPedro, ummeli wakhe uHenry Van Breda, ucele ukuthi kungabibikho zithombe zakhe ezizothathwa futhi ubuso bakhe bungavezwa.
Ucele uPedro ukuba anikezwe ibheyili waveza ukuthi akasiyona ingozi emphakathini futhi kungokokuqala ukuthi kube khona icala lwalolu hlobo avulelwe lona, wathi angeke aze aluphazimise uphenyo ngokuthi axhumane noNgcobo.
Ngemuva kwesigameko, uPedro kuthiwa wazinikela yena kumphenyi wecala.
Wafike washiya i-passport yakhe kuyena. Kuvele ukuthi unesipiliyoni seminyaka engu-27 esebenza embuthweni wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
Icala lakhe lihlehliselwe u-Agasti 20 ngoba kusakhona uphenyo okusamele lwenziwe.
UNgcobo uthe kuyajabulisa ukuthi bakhona asebekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesigameko kodwa uthe akagculisekile ngendlela izinto ezibonakala zihamba ngayo ecaleni likaPedro.
"Kungani yena ezophathwa ngendlela ehlukile engafani neyabanye aboshwe kanye nabo? Yini edala ukuthi angafuni ukuthi athathwe izithombe futhi azimboze ubuso?'' usho kanje.
Uthe kuyamangaza ukuthi amaphoyisa ayisishiyagalolunye wona imantshi yawatshela ukuthi awakhumule ama-mask abonakale ebusweni, kodwa kuPedro akunjalo.
"Ngiyazibuza nje ukuthi kwayona ke inkantolo ibone kanjani ukuthi nguyena ngampela lo uPedro emnikeza ibheyili njengoba ebezifihlile nje ebusweni,'' usho kanje.
Uthe uma kuzoqhubeka aphathwe ngale ndlela uPedro bazolusukumela lolu daba baluyise phambili.
Uthe kuyaxaka nokuthi ufike enkantolo eqashwe ngelokhozi ngabantu abangasiwona amaphoyisa, wathi uzwile nokuthi uPedro emsebenzini unikezwe iholidi lokuthi abhekane necala.
Uthe uyafisa ukwazi ukuthi kungani ngampela aphathwe ngendlela ehlukile kangaka uPedro?
Ziningi izigameko zokuqothwa ngenhlamvu kwezigebengu emalokishini ehlukene lapho khona okuhlale kuvela ukuthi leli phoyisa lisuke liphambili kuzo. Emalokishini amaningi igama lalo liyaziwa.