NAKUBA lingahambisani nohlelo lokunqunywa kwezimpondo zobhejane ngokugcwele iPhini likaNgqongqoshe wezaMahlathi, ukuDoba nezeMvelo, uMnuz Narend Singh, kodwa lithe liyakweseka.
USingh sho kanje ngeSonto, eHluhluwe Imfolozi Park (HiP), ngesikhathi ehambele ukubungazwa kosuku lobhejane.
Kulo mcimbi, abezeMvelo KZN Wildlife, bakhombise uSingh ukuthi lwenziwa kanjani uhlelo lokunqunywa kobhejane izimpondo ngenhloso yokubavikela kulabo ababazingelela izimpondo zabo.
USingh uthe lolu hlelo akalweseki ngokugcwele ngoba uyakholelwa ekutheni obhejane badalwa nezimpondo ngenhloso ethile.
“Kodwa ngoba kuzanywa ukuthi kuxoshwe labo ababazingelayo kuphinde kuqinisekiswe nokuthi akube kusaba khona ukubaluleka kwabo uma sebekhishwe izimpondo, yikho lusunguliwe,” kusho uSingh.
Uthe kusukela abezeMvelo beluqalile, sehle ngamandla isibalo sokuhlaselwa kwabo.
“Siyafisa ukuthi le nto kungabi yinto esizoyenza unomphelo kodwa kube ukuthi sithola ezinye izindlela zokulwa nalobu bugebengu bokuzingelwa kwabo,” kusho uSingh.
Uthe bakhathazekile ngokuzingelwa kobhejane, wathi bakhala nangalabo abasekhaleni lalokhu, athe yibo abakhipha imali eshisiwe, bakhokhele labo abahamba bayozingela lezi zilwane, bazibulalele izimpondo zazo.
“Namuhla sikhumbula amakhulu ngamakhulu obhejane, ababulawe ngesihluku. Sigubha nohlelo oluqhamuke nabezeMvelo ngohlelo lokukhishwa kwezimpondo zabo,” usho kanje.
Isikhulu sezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Sihle Mkhize, sithe banezinhlelo eziningi ukuzama ukulwa nesihlava sokubulawa kobhejane.
“Olunye lwazo, olokusebenzisana nemiphakathi eyahlukene. Sisungula amabhodi emiphakathini ehlukene, ukuze akwazi ukusilekelela ngomsebenzi wokuvikela ezemvelo,” kusho uMkhize.
Uthe sebesungule nezemidlalo ezindaweni ezehlukene lapho okudlalwa khona ibhola lezinyawo nebhola lomnqakiswano, kube kufundiswa abantu ngokubaluleka kokuvikelwa kobhejane.
Ubuye wathi kwezinye izinhlelo, baqasha wona umphakathi ukuthi ugade izingcingo ezibiye iziqiwi.
“Sibuye sibe nanohlelo lokumpimpa ngokuzingelwa kwabo obhejane ukuze sikwazi ukulwa nalolu bhubhane,” kusho uMkhize.
Uhlelo lokunqunywa kobhejane izimpondo kuqalwe ngo-Ephreli nonyaka.
Ngokwezibalo zangoMeyi nangoJuni nonyaka, kuvela ukuthi kubulawe obhejane abangu-21 (Meyi 2024) no-22 (Juni 2024), uma kuqhathaniswa nesibalo sabangu.42 (Meyi 2023) nabangu-34 (Juni 2023) nababulawa ngesikhathi esifanayo nyakenye.