IPHINDELA enkantolo imenenja kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Lulamile Mapholoba, ephinde yamiswa emsebenzini kungakapholi maseko inkantolo ichithe ukumiswa kwayo kokuqala.
UMapholoba uthe useyalele abameli bakhe ukuthi bafake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, baphonsele inselelo ukumiswa kwakhe kwakamumva.
UMapholoba wamiswa emsebenzini ngoFebhuwari, esolwa ngokungaziphathi kahle.
NgoMsombuluko, iNkantolo yezabaSebenzi inqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukumiswa kukaMapholoba.
NgoLwesithathu nangoLwesibili uMapholoba uzamile ukuphindela emsebenzini, kodwa wafike watshelwa ukuthi akavumelekile ukubuyela emsebenzini ngoba usamisiwe.
Izindaba zokumiswa kukaMapholoba okwesibili ziqinisekiswe imeya uMnuz Mzimkhulu Thebolla, obekhuluma esithangamini nabezindaba, izolo.
UThebolla uthe uMapholoba uthunyelwe incwadi emazisa ngokumiswa kwakhe.
Inkantolo yachitha ukumiswa kukaMapholoba ngelithi kwakungafanele ukwenza kwakhe izethulo kuhlalelwe uThebolla, yathi kwakufanele kuhlalelwe umhlangano wawo wonke amakhansela.
UThebolla uthe leli phutha balilungisa emhlanganweni womkhandlu owawungeledlule, nokuyilapho bathatha khona isinqumo sokumisa uMapholoba okwesibili.
UThebolla uthe uMapholoba uzobhekana nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
“Sesiluphothulile uphenyo, sathola ukuthi uMapholoba kukhona imithetho ayephula. Manje uzobhekana nokuqondiswa ubugwegwe. Uzomiswa emsebenzini kuze kube kuphothulwa uhlelo lokuqondiswa kwakhe ubugwegwe.”
UThebolla uthe abalindele ukuthi uMapholoba afike emsebenzini njengoba emisiwe.
“Angifuni ke ukusho ukuthi kwenzekani kubantu abafika endaweni abangamukelekile kuyo.”
UMapholoba utshele Isolezwe ukuthi ufuna ukumangalela uThebolla, amsola ngokungawuhloniphi umyalelo wenkantolo.
“Ihlazo leli elenziwa imeya yaseMsunduzi, ayiwuhloniphi umthetho. Ithimba labameli bami libheke eNkantolo eNkulu eMgungundlovu liyomangalela imeya ngokuthi idelela umyalelo wenkantolo. Ngifuna nokuthi inkantolo iwuthathe njengongekho emthethweni umhlangano okwathathwa kuwo isinqumo sokungimisa okwesibili.”
UMapholoba uthe incwadi yesibili yokumumisa emsebenzini ithi isinqumo sokumumisa sathathwa ngoMeyi 2, wathi kodwa incwadi uze wayithola ngoLwesibili, emva kokuphuma kwesinqumo esithi kwakungekho emthethweni ukumiswa kwakhe.
“Angazi ukuthi umgxabhiso wani lo abawenzayo. Bakhombisa ukungawuhloniphi umthetho. Mhlawumbe kwenza ukuthi akusibona abakhokhela izindleko zamacala. Ngiyazi ukuthi ekugcineni ngizonqoba. Nasekuqaleni bahlekisa ngami uma ngibatshela ukuthi ayikho emthethweni le nto abayenzayo.”
UMapholoba ukuqinisekisile ukuthi uzamile ukubuyela emsebenzini izolo nangoLwesibili, wathi ufike watshelwa ukuthi akavumelekile ukuba semsebenzini ngoba usamisiwe.
UMnuz Sabelo Hlela uyena ozoqhubeka nokubamba esikhundleni semenenja kamasipala.