IMIGOMO yeCovid-19 ewu-3.3 million yePfizer izophelelwa yisikhathi ekupheleni kwenyanga.
UMnyango wezeMpilo uthe imigomo yeCovid-19 esesitokweni iwu-29 million, elinganiselwa ku-8 million ikhiqizwe yiJohnson & Johnson eminye eyePfizer.
Bangaphezulu kuka-38 million abantu abagomile eNingizimu Afrika, selokhu kwaqala ukugomela iCovid-19. Isibalo sabagomile sisengaphansi kuka-70% okudingekayo ukuze kube nokuvikeleka okufanelekile. Bangu-4.2 million kuphela abajove ngemigomo yokwengeza kuleyo ababegome ngayo.
USolwazi Shabir Madi weNyuvesi iWits, uthe izizathu zokwehla kwabantu abagomayo ziningi, esiphambili ngesokuthi abahaqwa yigciwane manje abaguli kakhulu njengoba bekwenzeka eminyakeni emibili edlule.
“Ukuthathwa kwemigomo yokwengeza amandla akukhuli ngenxa yokuthi ulwazi lokuthi kungani abantu kufanele bajove ngayo alufinyeleli ngendlela kubo. Imiyalezo eya emphakathini ayiqinisekisi ukuthi labo bantu bazohlomula, bayagqugquzelwa ukuthi bathole umjovo wokwengeza amandla kuphelele lapho,” kuchaza uMadi.
Ezinye izingqinamba ezihambisanayo nokugqoza kokugoma, uthe zidalwa yilabo abangahambisani nemigomo abasakaza ulwazi olungelona iqiniso olwenza ukuthi kube nokuyingabaza.
Umnyango uthe ngezikhathi ezithile ufaka isicelo kwiSAHPRA ukuze kwelulwe usuku lokuphelelwa yisikhathi kepha lokho kusekelwa ukuhlolwa. Ngale ndlela, awukho umuthi wokugoma ongasetshenzisiwe olahlwayo ngisho nangemva kosuku lokuphelelwa yisikhathi, manje umnyango ulindele ezinye izicelo nokugunyazwa kokwengezwa kwezinsuku.
UMnuz Foster Mohale, okhulumela umnyango, uthe imigomo elahlwayo kuba yileyo esuke isebhodleleni isivuliwe yangaphela ngesikhathi kugonywa ngoba isuke ingasavaliwe.