SIBHEKWE ngabomvu isinqumo sePhalamende sangoLwesibili mayelana nokuthi kumele yini uMengameli Cyril Ramaphosa, ashushiswe yikomiti elizobunjwa yile ndlu ngezinsolo ezithinta ukutholakala kwemali engamaDollar ifihlwe kwifenisha epulazini lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.
SIBHEKWE ngabomvu isinqumo sePhalamende sangoLwesibili mayelana nokuthi kumele yini uMengameli Cyril Ramaphosa, ashushiswe yikomiti elizobunjwa yile ndlu ngezinsolo ezithinta ukutholakala kwemali engamaDollar ifihlwe kwifenisha epulazini lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.
Iqembu i-ATM ne-EFF basanethemba lokuthi uSomlomo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uzosiguqula isinqumo sakhe sokuthi ukuvotela leli komiti kuzokwenzeka ngokohlelo lwevoti oluvulelekile njengoba i-ATM isamile ekutheni ifuna kuvotwe ngokuyimfihlo ukuze amalungu ePhalamende e-ANC, avote ngonembeza, angalandeli umyalelo wenhlangano wokuthi kwesekwe uRamaphosa.
IPhalamende lizobhunga ngombiko wethimba elajutshwa nguNkk Mapisa-Nqakula, eliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, elithole ukuthi kungenzeka ukuthi kunecala uRamaphosa okumele aliphendule ngezehlakalo ezenzeka kuleli pulazi ngo-2020.
Ezinye zazo zithinta ukubanjwa kwenkunzi okusolwa uRamaphosa ngokuthi akazange akubike kwabezomthetho.
Ngeledlule, isigungu esiphezulu se-ANC siphumele obala sathi amalungu ale nhlangano azovota echitha indaba yokusungulwa kwaleli komiti.
UMengameli we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, uthe kumele usomlomo ayivume eyevoti eliyimfuhlo ukuze amalungu avote ngonembeza. Uthe uma kungukuthi kuvulelekile, abanye bazosaba ukuvota ngendlela abebezovota ngayo ukube bekuvotwa ngokuyimfihlo.
URamaphosa wathi uzowudlulisela enkantolo umbiko wethimba likaNgcobo.
Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz David Mahlobo, lithe bazokweseka isinqumo se-ANC, lathi akekho umuntu ongaphezu komthetho.
Ukuze lesi sinyathelo sokubunjwa kwaleli komiti siphumelele, kudingeka amavoti amaningi ukuze libunjwe ekubeni i-ANC iyona enamalungu amaningi.
Uma kwenzeka siphumelele isinyathelo sokubunjwa kwaleli komiti, lizophenya ukuthi ngabe usakulungele yini uRamaphosa ukuthi engamele izwe?
Uma linquma ukuthi akasakulungele, kuzodingeka amavoti amaningi azohambisana nalesi sinqumo ukuze akwazi ukususwa esikhundleni.
Kwenzeka lokhu nje, sekusele izinsuku ezimbili ngaphambi kwengqungquthela ebhekwe ngabomvu ye-ANC eNasrec, eGoli, lapho uRamaphosa ebanga esikamengameli noDkt Zweli Mkhize.
URamaphosa ufuna ihlandla lesibili kanti uMkhize ufuna ukumketula kulesi sikhundla.
Abanye abagaqele lesi sikhundla kubalwa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma noNksz Lindiwe Sisulu.