IPHALAMENDE libikele izakhamuzi zakuleli ngokwelulwa kwesikhathi sokwethulwa kombiko ngodaba oluthinta iPhala Phala njengoba usuhlehliselwe ukuphela kwenyanga. Lo mbiko bekumele wethulwe yijaji eselathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, ngophenyo oluthinta ukwebiwa kwemali engama-dollar aseMelika, epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, eLimpopo.
Izolo, usomlomo wePhalamende uthole incwadi evela kuNgcobo, ecela ukululelwa isikhathi.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe bekumele ithimba eliholwa uNgcobo lilethe umbiko namhlanje kodwa lacela ukululelwa isikhathi.
“UNgcobo uveze ukuthi ngenxa yomsebenzi osamhlalele kulolu daba unxuse ukuthi alulelwe isikhathi ngezinsuku ezingu-13, okusho ukuthi usuku lokuletha umbiko kuzoba uNovemba 30, 2022.”
Uthe leli thimba liveze ukuthi likholwa ngukuthi lolu daba lusematheni emphakathini ngakho kubalulekile ukuthi liqoqe lonke ulwazi libheke neziphakamiso ezilethiwe.
“Usomlomo ugcine evumile ukulula isikhathi esebenzisa umgomo wesithupha wasePhalamende. Kulo mgomo usomlomo uyamvumela ukuthi anqume ukulula isikhathi.”
Uthe uSomlomo uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uyavumelana nethimba elihola lolu phenyo ukuthi umsebenzi walo ubaluleke kakhulu ngakho kudingeka kucutshungulwe zonke iziphakamiso ezilethiwe kulona.
Ubalule nokuthi usomlomo wazise bonke osotswebhu bamaqembu ePhalamende ngalesi sinyathelo.
Lo mbiko obubhekwe ngabomvu njengoba nasemhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC ngempelasonto, indaba yaleli pulazi nokwebiwa kwemali, bekuyindaba egudwini.
Kuthiwa amanye amalungu alesi sigungu esiphezulu abefuna uRamaphosa ahoxe esikhundleni njengoba kuqhubeka lolu phenyo.
Omkhulumelayo, uMnuz Vincent Magwenya, ugcine ephawulile ngokuthi uRamaphosa akanankinga nokuhoxa uma esebekwe ngokusemthethweni amacala ngalolu daba.
UMagwenya uthe okwamanje usemsulwa aze atholakale enecala.