BAZOLIBUKA kuthelevishini iPhalamende abanye abaholi abebenezihlalo kodwa bangakwazi ukubuyela.
Bekushunqa uthuli ezweni kuvotwa okhethweni olube yingqophamlando lapho bezidlana imilala. Inhlangano ebusayo izithole ilahlekelwa yizihlalo ezingu-71 ePhalamende yangakwazi ukubuyela emandleni ngengcaca.
Kunamaqembu angene okokuqala ePhalamende ayekade elibuka kuthelevishini ekuqaleni manje sekuzobukwa bona. UMkhonto weSizwe (MK) ungene okukuqala ePhalamende ngezihlalo ezingu-58 nokube yingqophamlando kwezepolitiki yezwe.
Kwabazongena okokuqala kukhona nePatriotic Alliance (PA), engene ngezihlalo ezingu-9. Kukhona i-ActionSA ekwazile ukungena ngezihlalo eziyisithupha nayo izobe iqala ukubonakala ePhalamende.
Kuvela negama le-Build One South Africa (BOSA) engene ngezihlalo ezimbili ePhalamende.
Kuvela negama le-National Coloured Congress (NCC) nayo engene ngezihlalo ezimbili ePhalamende. Neqembu elisha iRise Mzansi likwazile ukungena ngezihlalo ezimbili ePhalamende.
Kukhona ne-United Africans Transfomation (UAT) engenile ngesihlalo esisodwa. Kukhona amaqembu abeyingxenye yePhalamende eledlule kodwa angakwazanga ukuthola amavoti enele ukuze abuye.
Kwabangabuyanga kuvela igama leNFP ehluleke yancama ukuthola amavoti enele, ekuqaleni ibinezihlalo ezimbili. Kuphinde kuvele iCOPE nayo ekhale ngaphansi kade inezihlalo ezimbili ePhalamende.
Kuphume i-African Independent Congress (AIC) ebikade inezihlalo ezimbili njengoba ingasekho. Nakuba abanye bengenile abanye baphuma kwabasele kukhona abehlelwe yisibalo sezihlalo zakhula kwabanye.
I-EFF ibuye ngezihlalo ezingu-39 isuka ezihlalweni ezingu-44 nokusho ukuthi ilahlekelwe yizihlalo ezinhlanu. IFreedom Front Plus (FF Plus) ibuye ngezihlalo eziyisithupha isuka ezihlaweni eziwu-10 nokusho ukuthi yehle ngezihlalo ezine.
I-ACDP ingene ngezihlalo ezintathu isuka kwezine eyayinazo ekuqaleni. I-Good Party ibuye ngesihlalo esisodwa isuka kwezimbili eyayinazo ekuqaleni.
I-DA ibuye ngezihlalo ezingu-87 nokusho ukwenyuka isuka kwezingu-84 eyayinazo ekuqaleni. I-IFP ingene ngezihlalo ezingu-17 nokukhomba ukwenyuka isuka kwezingu-14.
I-UDM ibuye ngezihlalo ezintathu yakhula ikade inezimbili.