UKHALA ngokuma nse kwempilo owesifazane waseSilver Stream, KwaMaphumulo, owaphunyelwa yisitifiketi sokuzalwa sithi ungumuntu wesilisa.
UNksz Lihle Akhona Ngubane (23), uthe uqale ukubona esefunda u-matric ukuthi lento izohamba ihambe imnike inkinga.
“Ngizalwa abazali ababengafundile. Abakwazanga ukusheshe babone ukuthi kukhona inkinga esitifiketini sami sokuzalwa ngesikhathi bengenzela sona ngo-2001,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe kwaba ngudadewabo omdala owabika kubazali ukuthi lento izomhlupha uNksz Ngubane uma esefika kwa-matric kodwa badembesela.
Uthe ngo-2019 basukuma nabazali bakhe, bezama ukulungisa inkinga.
“Saya ehhovisi loMnyango wezaseKhaya KwaDukuza, baqala ngokusehlisa besenyusa, befuna izinto ezehlukene ngaphambi kokuba sifakwe isicelo sokulungisa iphutha,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe ubelokhu egqigqa khona, eyobheka ukuthi seluhambe lwafikaphi udaba lwakhe kodwa afike athole ukuthi “lusasetshenzwa”.
Uveze ukuthi ugcine esenza izicelo ezine eminyakeni eyisihlanu edlule, ngokwelulekwa yisizebenzi zomnyango.
“Bebeye bethi kungcono ngiphinde ngisiqale phansi isicelo uma bebona ubude besikhathi esengisilindile esicelweni engisuke ngisenze ngaphambili,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe isicelo sokugcina usenze ngoMashi nonyaka.
Uveze ukuthi uyise ushone ngoJuni nyakenye, esematasa nakho ukulungiswa kwephutha.
“Angikwazi kwenza lutho ngalesi sitifiketi esithi ngiwumuntu wesilisa. Angikwazi ukwenza isicelo sikamazisi ngesitifiketi esithi ngingumuntu wesilisa. Angikwazi ukufuna umsebenzi ngesitifiketi sokuzalwa,” kubalisa uNksz Ngubane.
Uthe isifiso sakhe ukuthi kulunge le nkinga ukuze ezothintitha impilo yakhe, aqhube izifundo zakhe esikhungweni semfundo ephakeme noma afune umsebenzi, azithuthukise.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uMnuz Cyril Mncwabe weluleke uNksz Ngubane ngokuthi abuyele ehhovisi lapho enza khona isicelo, bazomnika impendulo yosekwenziwe ngesicelo sakhe sokulungisa iphutha lobulili.