UGQIGQA kodokotela adle namaphilisi okuthithibalisa ukhwantalala nengcindezi unina wowesilisa owabulawa isidumbu sakhe sagxishwa epayipini lamanzi eCamperdown, KwaZulu-Natal.
Lokhu kudalulwe yisihlobo sikamufi, uMnuz Sihle Mtshare (27), okuthiwa waqale wathunjwa kubo eMariannhill, watholakala eseshonile emuva kwezinsuku ezingu-18.
Kwaboshwa owayeyiphoyisa, uMnuz Ayanda Doctor Ntombela, obekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngaleli cala ngoLwesibili.
UNtombela ungaphandle ngebheyili kanti uthweswe amacala okubalwa elokuthumba, elokubulala, elokweba iselula kaMtshare nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
IJaji Mohini Moodley ilihlehlisele uJuni 9 icala ukuze kwenziwe izethulo ezizondlalela ukuqala kokuqulwa kwecala.
Sivukwe wumunyu emuva kwecala isihlobo sikaMtshare esifike enkantolo namalungu omphakathi amanye abekade egqoke izikibha ezinobuso bukamufi, namagama athi aphumule ngokuthula.
“Unina kamufi uhlala ngokuhamba odokotela futhi usephila ngamaphilisi ngoba njalo uphathwa yikhanda, akulaleki uhlezi ecabanga ngokubulawa kwengane yakhe. Ubezwana kakhulu noSihle manje ukuthola kunzima ukwamukela ukuthi akasekho emhlabeni,” kusho isihlobo.
Lesi sihlobo sihlengezele izinyembezi ngesikhathi sikhuluma nentatheli ngokubulawa kukaMtshare.
Sisole inkantolo ngokubenzela phansi bewumndeni. Sithi kwakungamele uNtombela anikezwe ibheyili.
“Kwakufanele agqunywe ezitokisini kuqulwe iqala lize limulahle agwetshwe kodwa inkantolo yamdedela ngoba nakhu wayekade eyiphoyisa. Sifuna ubulungiswa ngoba asazi wabulawelani uSihle,” kusho isihlobo esicele kugodlwe igama laso sisabela impilo yaso.
UNtombela ungaphandle ngebheyili kaR20 000. UMbuso usola ukuthi umufi wagcina ukubonakala ephila ethathwa wuNtombela ngo-Agasti 21, 2022 ebusuku.
Enkantolo kwavela ukuthi uNtombela wasula embuthweni wamaphoyisa emuva kwesehlakalo futhi usesebenza njengonogada oqaphe umholi wendabuko.