UFUNA ubulungiswa owesifazane waseKranskop osemiswe emsebenzini kulandela inkinga yokuvuvukalelwa yikhanda aphinde abe nembobo ephuma ubomvu ekhanda osola ubudedengu bomhlengikazi wesibhedlela iNtunjambili.
UNksz Nothile Mkhwanazi (24) uthe lokhu kulandela ukutishwa wumhlengikazi ngoJanuwari 2 emuva kokulimala ekhanda.
Uthe ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela konke kwakubukeka kuhamba kahle ngoba unesi wamgunda kancane eduze kwalapho ayelimele khona, wamtisha, wase enikwa namaphilisi, kwathiwa akagoduke.
Uthe emva kwezinsuku ezimbalwa, wezwa izinhlungu ezingaphezu kokwenza kangangoba kwaze kwashayelwa i-ambulensi ukuthi izomlanda aye esibhedlela.
“Indawo yangakithi iphakathi nendawo, sibhekwa yizo zombili izibhedlela zendawo, iNtunjambili noMphumulo. Kwafika i-ambulensi yaseMphumulo, kodwa ngathi uma ngifika khona nenkinga, bathi ayingangabo, bangedlulisela eStanger (General Justice Gizenga Mpanza Regional Hospital),” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthi eGizenga, bafike bambheka ukuthi konekelephi bathola ukuthi ngesikhathi etishwa kwavaleleka izinwele ngaphakathi esilondeni, yikho evuvukala ephuma nobomvu.
“Bangitshela ukuthi umhlengikazi owayengisiza kwakufanele agunde lonke ikhanda, aphinde aligeze ngaphambi kokuthi angitishe,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthi amanesi aseGizenga athi ngeke akwazi ukumsiza ngoba umonakalo awudalwanga yisibhedlela sawo, amphindisela eNtunjambili.
Uthe Kwathi uma eseseNtunjambili nakhona wangasizakala njengoba amanesi athi akusayiniwe efayeleni lakhe ukuthi ngesikhathi efike esibhedlela watishwa.
“Ngaleyo ndlela wayengasaveli unesi owangitisha,” kusho yena.
Uthe bagcina bemnika amaphilisi ezinhlungu, bathi akagoduke.
Uthe ubomvu abuyekile ukuphuma esilondeni nokuvuvukala nakho kuyaqhubeka nsuku zonke.
“Okubuhlungu ukuthi le nkinga isiholele ekutheni ngimiswe emsebenzini. Njengoba ngimisiwe nje emsebenzini angiholi, nginomndeni ongibhekile,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe ufuna atholakale umhlengikazi ombangele inkinga, kube khona izinyathelo athathelwa zona.
“Ngifuna uMnyango wezeMpilo ungitholele usizo kochwepheshe abazokwazi ukungisiza njengoba isiyone impilo yami nje,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe "Umnyango ukhathazekile ngalezi zinsolo. Nakuba singavumelekile ukudingida izindaba eziphakathi kweziguli nabezempilo, singakuveza ukuthi amarekhodi aveza ukuthi isiguli sabonwa ngendlela efanele, kepha kwayiso eseqa esibhedlela ngaphambi kokuthola usizo oluthe thuthu, oluhambisana nesimo saso,“ kusho uMaphisa.
Uqhube wathi abaphathi besibhedlela esikhulu i-Gen Justice Gizenga Memorial baxhumanile nesiguli kwaze kwayikabili, benza namalungiselelo okuthi silethwe esibhedlela yisithuthi somnyango, kepha isiguli sangafika.
“Siyabanxusa bonke abantu abasebenzisa izikhungo zezempilo ukuba bangahambi uma kukhona abakuphuthumayo, kepha baxhumane nabaphathi. Sesiyifakile nemininingwane yeselula yabaphathi bezikhungo ezingqwembeni esizisabalalise ngaphakathi, kanti futhi siyifakile kwi-website, nasemakhasini omnyango asezinkundleni zokuxhumana. Siwumnyango sizimisele ukuqhubeka nokusiza isiguli uma sisaludinga usizo," kusho uMaphisa.