UMELAPHI wendabuko ongusomabhizinisi, uthi uzimisele ngokuthola abafundi abangu-50 abazobe bephase u-matric wabo, bese ebasiza ukuthuthukisa amakhono ngezincwadi zokushayela nekhompyutha.
UGogo Bathini Mbatha waseMazimeleni, eMpangeni uthe usenesikhathi eqhuba umkhankaso wakhe wokusiza abafundi emakhaya.
Uthi uvame ukubambisana neNkosi uThanda KaMpiyezintombi Mzimela ukuqhuba uhlelo lokulekelela abahlwempu endaweni.
“Abaphase kahle kakhulu bayawathola amathuba, bese kusala labo abangaphasile ngokuphakathi nendawo, bengenawo amandla okuqhubeka. Sizobasiza ukwenza izincwadi zokushayela, bafunde nekhompyutha ukuze bazithuthukise nabo.
“Sibheka kakhulu izingane zasemakhaya ngoba kuhlwempu,’’ kuchaza uGogo Bathini.
Uthe wabona inhlupheko ibhokile endaweni yangakubo wathinteka, wabe esekhipha okuncane anakho, wasiza abantu. Uthe ababona sengathi badinga usizo bangangena kwisizindalwazi sakhe esithi bathini mbatha.co.za bathole iminingwane yakhe baxhumane naye. Uxwayise ngokuthi bayacubungula ngaphambi kokusiza umuntu, abafuneki abantu abazoganga.
UMbatha usho lokhu nje, kulindeleke ukuthi kuphume imiphumela ka-matric maduze lapho abanye abafundi bezobe bedinga amathuba okuzithuthukisa sebeqede isikole.
Imiphumela kulindeleke ukuthi imenyezelwe ngokusemthethweni ngojanuwari 19 nonyaka.