KUBATSHAZWE isihluku sokubulawa kowesifazane waseMatimatolo, ngokushaywa waze wagqenywa ngomphini wegeja ngumsolwa okuthiwa ungumakhelwane wakhe ngesikhathi amalungu omphakathi ehlangene enkonzweni yomngcwabo wakhe ngoMgqibelo.
Lo wesifazane ufihlwe emva kwenkonzo ebigcwele umunyu nokwesaba emadodakazini akhe amane, athe umsolwa ubashiye nesilonda esisekude ukuphola ngendlela unina ambulale ngayo.
Ngokusho kwendodakazi kamufi, uNksz Nombuso Mkhize (33), unina ulalelwe unyendle ngumsolwa, uMnuz Msizi Manqele (26) ongumakhelwane wabo esaphuthuma emaphoyiseni ngezithuba zabo-9.30 ebusuku, maqede wamshaya ngomphini wegeja esijungujungwini, washonela endaweni yesigameko.
Echaza, uNombuso uthe umsolwa uxabane nonina wengane yakhe maqede intombi yabalekela kwaMkhize (emzini kamufi). Kuthe kusenjalo kwaqhamuka umsolwa wafike wangena ngendlovuyangena kwaMkhize, maqede waphihliza izimpahla zakhona, okubalwa kuzo nethelevishini futhi washaya nomufi ngoba intombi beyisiphume ngefastela elingemuva.
Uthe yikho unina ethathe isinqumo sokuyobikela amaphoyisa aseMatimatolo ngalokhu kuhlaselwa kwakhe, kanti umsolwa uzomlalela unyendle endleleni maqede wamshaya esijungujungwini ngomphini wegeja, wathula khona lapho.
Eqhuba, uNombuso uthe umsolwa ubalekile ethi uyobhaca kamakhelwane lapho efike khona wabatshela ukuthi usebulele umufi.
"Ucele ukuba bamqubise ukuze avuke ekuseni ngezintathakusa ayogibela. Kulo muzi babe sebeshayela amaphoyisa bewabuza ukuthi asekuyo yini endaweni yesigameko? Athe uma evuma, abakulo muzi babe sebewatshela ukuthi aweze kubo ngoba umsolwa ucashe khona," kusho uNombuso.
Umsolwa uboshiwe futhi uvele okokuqala enkantolo ngoJuni 20, 2023, ngecala lokubulala uNksz Khalangani Busangani Mkhize (50) wasesigodini saKwaMadolenkonyane, KwaGwinyamathe, ngeSonto eledlule.
Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngoLwesibili, eNkantolo yeMantshi yaseGreytown.
UNombuso uthe unina ufihlwe ngoMgqibelo ngenxa yosizo lwekhansela noMasipala waseMvoti njengoba umndeni bewungazi ukuthi uzothathani uhlanganise nani ngoba unina ubesawusula umasingcwabisane.
Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseMatimatolo aphenya icala lolubulala kulandela isehlakalo lapho owesifazane oneminyaka ewu-50, okusolwa ukuthi ubulawe yibhungu elineminyaka ewu-26 ngoJuni 18, KwaGwinyamathe.
"Kusolwa ukuthi umsolwa nentombi yakhe babenemgxabano eholele ekutheni ibalekele emzini kamufi. Umsolwa kusolwa ukuthi uqonde ngqo emzini kamufi lapho efike wamshaya khona,“ kusho uConst Ngcobo.