UFUNA izimpendulo umndeni wekhehla laseMadamini, eJozini, okuthiwa lishone lase lingcwatshwa yintombi umndeni ungazi.
Kuthiwa uMnuz Bhekabakubo Dludla (69) ubanjwe ukugula washona. Ube esengcwatshwa yintombi yakhe yakhona eJozini, uNksz Zamile Mhlongo (30), ingawazisanga umndeni kamufi.
Isolezwe likhulume nendodakazi endala kamufi, uNksz Bongekile Dludla, ebivutha ingabaselwe.
Ithe kuyilumbo okwenziwe yintombi kayise, yathi bona ngeke baze bavume ukuthi balawulwe yintombi ngomzimba kayise. Ithe bafuna simbiwe isidumbu sikayise sizongcwatshwa emzini wakhe.
Indodakazi kamufi ithe bazolulwela lolu daba kuze kube yisekugcineni.
"Iyachwensa le ntombazane. Angazi ngempela ukuthi icabanga ukuthi iyini. Isithathaphi nje isibindi sokuthi ingenza lo mhlola ngaphandle kokuthi isazise?'' isho kanje kuzwakala ukuthi iyathuthumela.
Ivumile ukuthi bebazi ngomjolo kayise nentombi, yaveza nokuthi uyise wayekade esebenza kahle kodwa manje ubengasasebenzi. Yalile ukudalula ukuthi uyise wayesebenza kuphi, yathi intombi kuzomele ibachazele ukuthi ngempela ibingenelwe yini?
"Intombi yake yangishayela ucingo ingazisa ukuthi ubaba usezohlala nayo. Yangitshela ukuthi ubaba uthe kuyona siyamhlukumeza selokhu kwashona umama lapha ekhaya. Nalapho futhi asazi ukuthi ubaba besimhlukumeza ngani futhi kanjani,'' kusho indodakazi.
Ithe bazovula icala futhi ngeke kuze kugcine yona intombi. Ithe intombi kumele ibachazele ukuthi imali kababa wabo ayeyibekile ishonephi?
"'Kuningi kabi lo wesifazane okuzomele asichazele khona. Angeke phela sidlale intombazane ifuna ukucanasa phezu kwamakhanda ethu.''
Ngesikhathi uNksz Mhlongo ethintwa uqale ngokuthuka ukuthi lolu daba selufinyelele kwiSolezwe.
"Hawu sebegijime batshela Isolezwe!'' usho kanje.
Uvumile ukuthi ubesothandweni oluvuthayo noDludla. Wamchaza njengowesilisa obesekhulile kodwa obenothando lweqiniso.
Uthe akazimisele ngokuthi aphenduke inkukhu nempaka nezingane zikamufi, wathi umufi uxinwe yisifuba kwase kuyamenela njalo.
Ebuzwa ukuthi umngcwabe kuphi uDludla, uphendule ngokukhululeka, wathi kubo. Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka emithathu egcwele ehlezi ndawonye nomufi.
"Kumele bazi ukuthi mina anginacala. UDludla uyena owangeshela ehlangana nami futhi uyena owathi uzizwa enokuthula okukhulu uma ekanye nami lapha ekhaya,'' usho kanjena.
Uthe uma befuna ukumba isidumbu akanankinga kodwa bayobe benza okuphambene nesifiso sikamufi "owacela" ukufihlwa nguyena.
Uthe akakwazi emzini kaDludla kodwa wathi uyazi ukuthi yikhona eJozini.
Isazi samasiko, uSolwazi Phila Mthethwa, sisihlabe sasihlikiza isenzo sentombi.
UMthethwa uthe kunemikhuba eyenziwayo uma kungcwatshwa ubaba wekhaya, kuwona okufaka phakathi ukubika ukuthi umzimba sewufikile emagcekeni.
Ubuze ukuthi leyo mikhuba pho intombi iyenze kanjani? Uthe intombi kumele isukume ilungise lo monakalo ngoba uma kungenjalo lesi simo singahamba sigcine siba yifindo empilweni yayo esikhathini esizayo.
“Ngokwesiko nje, yichilo leli elenziwe yilo wesifazane,’’ usho kanje.
Uthe futhi ngemuva kwezinyanga ezithile umufi wenzelwa umsebenzi wokumbuyisa, wathi pho umndeni kamufi uzowenza kanjani isidumbu sikwelinye igceke lomuzi ongaziwa?
Isolezwe ngaphambilini like labika ngesehlakalo esifuze lesi lapho khona intombi yaseMzimkhulu yangcwaba indoda ngaphandle kokwazisa umndeni wayo.