WABOSHWA esenesikhashana efikile endaweni ayeqashe kuyo nentombi yakhe eMalvern, uMnuz Mthobisi Mncube, ongummangalelwa wesithathu kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe uNksz Kagiso Teffo owayeyintombi yakhe ngasekuqaleni kuka-2015, ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe ngakwaziyo ngomsolwa enkantolo izolo.
Ukuboshwa kukaMncube kwakungahlangene necala likaMeyiwa kodwa kwakumayelana necala lokubulala, okuthiwa walenza e-Alexandra.
UNksz Teffo uveze ukuthi waqala ukwazana noMncube ngasekuqaleni kukaJanuwari 2015.
“Ngimazi kusuka esontweni lokuqala kuJanuwari 2015. Waqhamukela kithina ehamba ngemoto nabangani bakhe, wathi bahambe bebheka indawo yokuhlala,” kusho uNksz Teffo.
Uthe bayibheka indawo kodwa bagcina sebebathatha kuyiwa endawni edayisa okudliwayo nokuphuzwayo, lapho uMncube wagcina esekhombisa izimpawu zokumthanda.
Uthe bagcina bethandana, babe sebevumelana ngokuthi indawo bazoyifuna ngokuhlanganyela njengoba naye uNksz Teffo wayefuna ukusondela abe seduzane nasemsebenzi.
“Sayithola-ke indawo, esagcina siyohlala kuyo sobabili. Le ndawo yatholwa wuyena (uMncube) wabe esengitshela ukuthi kuzofanele siyobonana nomasitende. Bekuphakathi nawo uJanuwari 2015,” kusho uNksz Teffo.
Uthe emva kokuyibona indawo nasemva kokuxoxa nomasitende, bakhetha ukungena kuyo ngoJanuwari 25.
Uqhube wathi ngesikhathi eboshwa uMncube, kwakungakapheli ngisho namasonto amabili behlala ndawonye kuleyo ndawo.
“KwakunguFebhuwari 9, 2015, ngezikhathi zantambama, ngiphuma emsebenzini. Ngamfonela ngamcela ukuthi angihlangabeze esitobhini ngoba ngangiphethe izimpahla. Ngafika esengilindile kodwa wathatha u-plasitiki owodwa ngoba wayelimele engalweni,” kulandisa uNksz Teffo.
Uthe bathi uma beqhubeka nendlela ebheke endlini yabo eyayiseduze, kwaqhamuka imoto ejigima ngesivinini esikhulu.
“Kwehla amaphoyisa amabili, ephethe izibhamu, amkhomba. Bamyalela ukuthi alale phansi, baqala bamkhuthuza,” kusho uNksz Teffo.
Uthe iphoyisa lesifazane lamdonsela eceleni, lamtshela ukuthi uboshelwani.
Uthe basuka banikela endlini yabo okuyilapho oyedwa wamaphoyisa emva kokusesha indlu yabo waveza ukuthi uthola isibhamu phezu kwewodrophu.
“Wacela iphoyisa lesifazane ukuthi liye emotweni liyothatha isikhwama sokuqoqa ubufakazi. Ngaphambi kwalokho, basibuza ukuthi siyasazi yini isibhamu. Ngalandula, yena wathula, athi amaphoyisa esethi azosibopha sobabili, kwaba yima ewatshela ukuthi angiyekwe mina ngoba angihlangene nesibhamu, abe esebopha yena,” kuchaza uNksz Teffo.
Bonke abameli kababanga namibuzo abayibhekise kuyena.
Ngaphambi kwakhe kwethule ubufakazi uMnuz Chipane Lesley Kgaphola, owayengumasitende kamsolwa nentombi yakhe ngaleso sikhathi.
Uthe wahlangana nabo isikhashana emva kokutshela owayebheke imiqasho ukuthi kukhona izithandani ezifuna ukungena komunye wemiqasho.
Uthe akuqaphela kumsolwa wukuthi wayenemiyeko ekhanda, emfishane futhi ekhanya ngebala.
Uthe akabanga namibuzo etheni kuye, waneliswa ukuthi abantu abafuna indawo yokuhlala bayizithandani, kwazise wayeqashisa izithandani zodwa endaweni yakhe.
“Ngathuka nje sengitshelwa yilo oyiso lami emqashweni, ukuthi owesilisa kulezi zithandani ezisanda kufika ushaqwe ngamaphoyisa,” kulandisa uKgaphola.
Naye akahlonywanga kakhulu ngemibuzo ngaphandle kokuqophisana okufishane nommeli kaMncube, u-Advocate Charles Mnisi bebanga indaba yebala likammangalelwa.
Impikiswano yabo isongwe yiJaji Ratha Mokgoatlheng elingene emlonyeni uMnisi, libuza ukuthi yini enye afuna ichazwe uKgaphola ngebala likaMncube ngoba useshilo ukuthi wayekhanya ngebala. UMnisi uphendule ngelithi ubengamzwanga ukuthi kukhona akushilo ngebala lakhe, maqede wahlala phansi. Abanye abameli bathe abanamibuzo kulo fakazi.
Icala libe seliguqela inamuhla. Umshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi uveze ukuthi yilaba bobabili ofakazi ebebebahlelele ukuthi bafakaze izolo. Namuhla kulindeleke ukuba kungene ufakazi omusha ebhokisini.