USITHAKASELE isinqumo senkantolo sokusichitha nezindleko zaso isicelo sikaDkt Nandipha Magudumana umndeni kalowo okwashiswa isidumbu sakhe esitokisini okwakuboshwe kuso uThabo Bester ukuze kubonakale sengathi ufe ngomlilo.
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseFree State isichithile isicelo sikaMagudumana sokuthi kuthathwe njengokungekho emthethweni ukubuyiswa kwakhe kuleli esuswa eTanzania. Inkantolo ibuye yathi zonke izindleko zokulalelwa kwesicelo, kuzokhokhwa nguye uMagudumana.
UMagudumana wabuyiswa kuleli nesoka lakhe uThabo Bester ngo-Ephreli, nonyaka, sekuyophela cishe unyaka wonke eqa ejele laseMangaung, ngoMeyi, nyakenye.
Ngesikhathi eqa ejele, uBester kwatholakala isidumbu esitokisini owayegcinwe kuso sishile. Kuvele ngenyanga eyedlule ukuthi leso sidumbu okwakucatshangwa ukuthi esakhe, kwakungesikaMnuz Katlego Bereng.
Umalumekazi kaBereng, uNksz Popi Bereng, ekhuluma kafishane nabezindaba izolo kulandela ukuchithwa kwesicelo sikaMagudumana uthe: “Sijabule kakhulu ukuthi inkantolo ifinyelele kulesi sinqumo. Besikulindele ukuthi inkantolo yenze isinqumo esifana nalesi kulandela indlela amaphoyisa kanjalo neNPA abasingathe ngayo udaba.”
Omunye wabameli bakaMagudumana uthe abazokwenza kulandela isinqumo senkantolo ukuthi baxoxe naye uMagudumana, bezwe ukuthi uthi akuthathwe ziphi izinyathelo ngesinqumo.
“Uma ethi asifake isicelo sokuthi sibuyekezwe isinqumo, sizozwa kuyena,” kusho yena.
UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi ekhuluma nabezindaba, uthe nabo bajabule kakhulu ngesinqumo senkantolo.
“Uma uzokhumbula kahle, singumnyango sasingazange sabalwa nokubalwa kulesi sicelo. Yithi esacela enkantolo ukuthi nathi silethe ezethu izincwadi ezifungelwe, nebala yavuma,” usho kanje.
Uthe isinqumo senkantolo sibe sihle kakhulu ikakhulukazi uma kuziwa ngasekutheni abantu bahlale bebhekile ukuthi umthetho uyayidlala yini indima yawo ekuqinisekiseni ezobulungiswa.
“Cabanga nje, ukuba bekuthiwa inkantolo iyamvuna uMagudumana esicelweni sakhe. Sikhuluma ngomuntu owebe isidumbu somuntu maqede sashiswa esitokisini. Uma sekuthiwa uyadedelwa nje ngenxa yokuthi kube khona ubuhixihixi lapha nalapha, lokho bekungeke kuwuphathe kahle umphakathi,” kusho uDkt Motsoaledi.
Uqhube wathi abantu bebezolahlekelwa ukuzethemba ezobulungiswa zakuleli.
Khonamanjalo: Izolo ntambama kuvele imibiko ethi omunye wabaphenyi ecaleni lokweqa ejele kukaBester ushonile.
Kuthiwa yonke imininingwane mayelana nokufa kwakhe isazophenywa ngamaphoyisa.