IKHANSELA laku-ward 102 eCornubia, eThekwini, uMnuz Rory Dean Macpherson, seliphonsele inselelo uhulumeni ukuthi aqhamuke nezinhlelo zokulwa nobugebengu, ikakhulukazi ukubulalana kwabantu kule ndawo, njengoba abantu bebulawa mihla namalanga.
UMacpherson ubekhuluma neSolezwe kulandela isigameko sokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu kubulawe owesilisa phambi kwesango lomuzi okule ndawo izolo ekuseni.
“Sinenkinga enkulu yokwanda kwezigameko ezifuze lezi endaweni, engikholwa wukuthi zidinga ukuthi sonke sibambisane ukulwela ukuzinqoba.
“Umunwe kodwa ngiwukhomba kakhulu kuhulumeni engicabanga ukuthi kawenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi ziyaphela noma zinciphe lezi zigameko.
“Abantu bakithi banenkinga enkulu yokuswela imisebenzi futhi baphila ngaphansi kwezimo ezingagwinyisi mathe - nezenza benze noma yini ukuziphilisa, abanye baze basebenzise udlame ukuthola abakufunayo.
“Ngakho lokho kubiza ukuthi uhulumeni ushintshe ukwenza, andise ezokuphepha emphakathini bese kwenziwa izinhlelo zokuthuthukisa nokucija umphakathi ukugwema ukuthi abantu bahlale dekle, kungekho lutho abalwenzayo nsuku zonke,” kusho uMacpherson.
Ngokwesitatimende senkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), lo mlisa obulewe ubejahwa ngamadoda amabili edubula ebhekise ngakuyena waze wabalekela komunye umuzi ezama ukuphepha.
“Lokho kuqondane nokuphuma komnikazi womuzi, obekungowesifazane oyinesi, ehamba ngemoto iCorolla ebinengane eneminyaka emibili ngemuva, wazithela kubabulali abaqhubekile badubula umufi ngoyaba lwezinhlamvu, washonela egcekeni lomuzi.
“Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ayisishiyagalolunye endaweni yesigameko kanti imibiko engaqinisekiswanga ithi umlisa obulewe ubeshushumbisa izidakamizwa,” kuchaza iRusa esitatimendeni.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa eKZN, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokubulala kulandela ukudutshulwa komlisa oneminyaka ewu-34 eduze kwamafulethi aseCornubia.