KUGUNYAZWE izinkampani ezingaphezu kuka-100 zangaphandle ukuthi zidayisele iNingizimu Afrika amaqanda.
UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukisa koMphakathi wasemaKhaya kuleli, uNkk Thoko Didiza usenqume ukuvumela izinkampani zangaphandle kwakuleli ukuthi zidayise amaqanda alungele ukudliwa, amaqanda alungele ukuchanyuselwa, amaqanda ayimpuphu nenyama yenkukhu, ukuze aqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika inesitokwe esanele samaqanda nemikhiqizo yenkukhu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
UMnuz Reggie Ngcobo okhulumela umnyango, uthe kusukela ngoSepthemba, umnyango usukhiphe izimvume ezingu-115 zamaqanda alungele ukuchanyuselwa; ezingu-48 zamaqanda ayimpushana; ezingu-24 zamaqanda alungele ukudliwa nezingu-2,406 zenyama yenkukhu.
“Imvume ngayinye ivumele inkampani ukuthi idayise ibhokisi lokuthumela izimpahla kuya emathanini angu-10 000. Njengoba lezi zimvume ezingenhla sezikhishiwe ezinye zalezi zimpahla sezifikile ezinye zisendleleni. Inyama yenkukhu ethengwe kwamanye amazwe esendleleni ingu- 34,511 metric tonnes; amaqanda alindele ukuchanyuselwa angu- 1.9 million; amatshwele anosuku olulodwa angu- 5 840,” kusho uNgcobo
Kunokwesaba ukuthi imikhiqizo yenkukhu kuleli ingase ishode njengoba kuhlasele umkhuhlane wezinyoni ohlasela nezinkukhu, i-Avian Flu esiholele ekutheni kubulawe inqwaba yezinkukhu ebezihaqwe yilo mkhuhlane.