ICHITHA imibiko yokushenxiswa kwayo esihlalweni ngabomndeni, inkosi yesizwe saKwaMajozi eMsinga, okuvele ukuthi yehliswe ngenxa yokungabanaki abantu besizwe ebusa kuso.
Ngesonto eledlule, usihlalo wendlu yamaQamu, uMnuz Nkosinathi Majozi oyilungu lomndeni, umemezele ukuthi umndeni uthathe isinqumo sokwehlisa esihlalweni inkosi uZiphokuhle Majozi, emva kwezikhalo zamalungu omphakathi.
Kuthiwa uma umphakathi uzobika izinkinga zawo enkantolo yesizwe, uhlaliswa emnyango unganakwa, okungenye yezinto eziwahlukumezayo.
Iziphendulela, inkosi uMajozi engxoxweni neSolezwe, ikuchithile ukuthi yehlisiwe esikhundleni. Iveza ukuthi ikomiti elithathe isinqumo kalisiyo ingxenye yomkhandlu wenkosi ebusayo futhi ayilazi.
“Ozibiza ngosihlalo, obize abezindaba ebazisa ngokuthi ngehliswa esihlalweni wumndeni, uwusihlalo walabo abaphikisa ukubusa kwenkosi, ngakho akusilona iqiniso ukuthi ngimiswe wumndeni.
Yiqeqebana labathile abaxova isizwe ngezinto ezingenabo ubufakazi. Bekumele abasho abantu abafika belethe izinkinga zabo, ukuthi ngabakuziphi izigodi kodwa ngoba yinto ekhandiwe yingakho angabavezanga,” usho kanje.
Uthe uMajozi (uNkosinathi) akasiyena owendlu yaseNdlunkulu yamaJozi, ngakho kuyamangaza uma eveza ukuthi uhlangane nomndeni. “Usho muphi?”
Uthe usazohlangana nendlunkulu, bahlanganise amakhanda ukuthola ukuthi yikuphi okuzokwenziwa njengoba igama lakhe selihuduleke phansi ngento athi kayisilona iqiniso.
Yize kunjalo, uMajozi (uNkosinathi) phambilini uveze kwabezindaba ukuthi inkosi yazisiwe ngokushenxiswa kwayo nokuthi akumele izibandakanye nezinto ezithinta umndeni, waveza nokuthi sekusele ukuthi babikele isizwe ngalesi sinqumo somndeni.