KULINDELEKE izinkumbi zabathandi bomculo kacothoza enkonzweni yesikhumbuzo sobengumholi woMzumbe Lover Boys, uSipho "Pi" Mbili, eYMCA Hall eThekwini namhlanje kusukela ngo-6 ebusuku.
Ngokusho kobewumngani omkhulu kamufi, uMlungisi Mkhize, uMbili (48) ushonele esibhedlela sasePort Shepstone ngesonto eledlule.
"Ugule kusuka ngoJuni. Ubekhala ngobuhlungu esiswini."
UMkhize, naye ocula kuMzumbe Lover Boys, uthe into umufi azomkhumbula ngayo wuthando lwabantu nesicathamiya.
"Ubaziwa kakhulu ngokuhlekisa abantu. Mina nje ngilahlekelwe kakhulu ngoba nganginaye kuqalwa uMzumbe Lover Boys, siwa sivuka naye. Sikhulele ndawonye. Isicathamiya silahlekelwe, nathi silahlekelwe ngokuhamba kukaMbili."
Iqembu, iNew Generation, lithe ligqemeke udume lwengozi ngokuhamba kukaMbili.
"Lana ngikhuluma ngomuntu owasisiza singenalutho, singazi nokuthi sithini. Singenawo ngisho umfaniswano, wasinika. Ikhona nje iNew Generation yingenxa yakhe uMbili, ngabe ayisekho. Siyabonga Nontshongela, uphumule baba," kusho isitatimende seNew Generation-Abafana Bezinto Ezinhle.
Umufi udabuka esigodini sakwaSilwane, endaweni yaKwaMadlala, eMzumbe.
UMkhize uthe iMzumbe Lover Boys yasungulwa ngumufi eMlaza kwaJ ngoJuni 16, 1996 njengoba isavutha ingabaselwe namanje. Leli qembu lizakhele ugazi kubantu abaningi ngenoni elithi Ungabomhleka Umuntu Okhubazekile Ngoba Naye Akazenzanga.
Esephetha uMkhize, uthe umufi ushiye emhlabeni unkosikazi namadodakazi akhe amahlanu.
"UMbili uzobekwa emathuneni asekhaya lakhe eMzumbe ngoNovemba 23," kuphetha uMkhize.
Namanye amaqembu abhonge emswanini ngokudlula emhlabeni kwaleli qhawe ebelihlonishwa futhi lingaconsi phansi kubathandi bomculo wesicathamiya.