SEKUQUBUKE inkombankombane ngokungafungiswa ngokusemthethweni kwekhansela le-ANC kumasipala waseNkosi Langalibalele elanqoba ukhetho lokuchibiyela ngoJuni.
Sekuphele cishe izinyanga ezimbili uMnuz Saziso Shabalala anqoba ukhetho lokuchibiyela kuWard 14 wakulo masipala kodwa akakaze afungiswe ngokusemthethweni.
Amanye amakhansela e-IFP anqoba ukhetho lokuchibiyela kulomkhandlu kanye noShabalala, uMnuz George Buthelezi, owanqoba kuWard 5, noMnuz Sandile Buthelezi, owanqoba ukhetho kuWard 21, bafungiswa ngawo uJuni.
Yize i-ANC isola ubuholi be-IFP obuphethe lomkhandlu ngokugoloza ukufungisa uShabalala, imeya yalomasipala, uMnuz Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza, uyaziphika lezi zinsolo.
UMyeza uthe okuholele ekutheni uShabalala angafungiswa kanye namanye amakhansela anqoba ukhetho lokuchibiyela olwalungoJuni ukuthi yena uShabalala kanye namakhansela e-ANC bayalova emihlanganweni yomkhandlu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwisithangami nabezindaba lapho ebezochaza khona ngezinhlelo zentuthuko kulomkhandlu.
“Usomlomo uhlezi eyibiza imihlangano bengafiki kuyona. Umhlangano nje wokugcina obubiziwe amakhansela e-ANC awazange afike. Nalo leli khansela elisha alizange lifike. Akekho umuntu ovimbe ukuthi kufungiswe ikhansela.”
I-IFP yafaka isikhalazo ngemiphumela yakuWard 14, ikhala ngokuthi kwephulwa imigomo yokhetho.
Kepha isikhalo se-IFP sachithwa yinhlangano eyengamele ukhetho, i-(IEC). Okhulumela i-ANC esifundeni iJosiah Gumede, uMnuz Bheki Khanyile, uthe kuhlule noma i-IEC isibhalela umkhandlu iwuyalela ukuba ufungise uShabalala, akangafungiswa.
UKhanyile uvumile ukuthi amakhansela e-ANC awayihambeli imihlangano yomkhandlu, wathi abaneme ngendlela esingathwa ngayo le mihlangano. UKhanyile uthe bafuna kungenelele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu kulesimo.
Kulesi sithangami nabezindaba uMyeza uveze ukuthi basezinhleweni zokwakha inxanxathela yezitolo athe izosiza ukwehlisa isiminyaminya edolobheni athe asisalawuleki. Uthe basezinhlelweni zokulungisa imigwaqo eminingi yakuleli dolobha.