INKIYANKIYA ebonakala enkantolo kuqulwa icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, singasaveli isitatimende sikafakazi osekhulume ezinkulu izindaba enkantolo.
Inkantolo yaguqa ngoLwesihlanu ukunika uZungu ithuba lokuya kwelakubo KwaZulu-Natal ayolanda isibhilivane ayeqoqela kuso ulwazi ngaleli cala nokukholakala ukuthi yisona asinika umbuso ukuze uhlanganise isitatimende okuthiwa sabhalwa ngoMeyi nonyaka.
Kuzwakale enkantolo namhlanje ngesikhathi abameli babasolwa abahlanu ababhekene necala lokubulawa kwalo nozinti we-Orlando Pirates befuna ukubona ngo-si isitatimende sokuqala esabhalwa ngufakazi wombuso uConstable Sizwe Zungu.
Abameli bashiyelane inkundla bekhala ngokuthi lo fakazi usekuveze kaningi ebufakazini bakhe ukuthi akushoyo kukhona esitatimendeni sakhe.
U-Advocate Zandile Mshololo, uthe inqubo yokuqulwa kwecala iphoqa abashushisi ukuthi banikezele ngezitatimende ezibhalwe ngesandla nalezo ezibhalwe ngobuchwepheshe besimanje zihambisane nosomqulu wecala, ukuze bapheke ngemibuzo ofakazi ngezinto ezifundwa phansi ngokubhalwe nguyena ngqo.
UMshololo uthi lokho akwenzekanga futhi ukungenzeki kwakho ayibangakhona nencazelo yokuthi sikuphi isitatimende noma iziqeshana zamanothi ayebhala kuzo ufakazi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo fakazi washukumisa inkantolo ethula ubufakazi bakhe, eveza ukuthi uyabazi bonke abasolwa futhi wayenabo ehostela laseVosloorus ngosuku lwesigameko ngo-Okthoba 2014 mhla kubulawa uSenzo ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, kulo leli lokishi.
IJaji uRatha Makgoatlheng, lithi ukungaveli kwalesi sitatimende kungalohela esimeni esingesihle lapho umshushisi wombuso angalahlekelwa wumsebenzi futhi akhishwe nasohlwini lwabashushisi bakuleli.
Lokhu kungalohela nasekutheni icala likhishwe lingabe lisaqulwa.
“Angiqondi ukuthi umshushisi osemkantshubomvu noselisebenzele kanzima igama lakhe njengo-Adv George Baloyi angawuchitha kanjalo umsebenzi wakhe weminyaka ngokwenza isenzo esibucayi ngale ndlela.
“Akuwona umsebenzi womshushisi ukuqinisekisa ukuthi izitatimende ziyathathwa kofakazi nokuthi zigcinwa ngendlela efanele kodwa okwakhe ukulekelela umbuso ngokusondeza lonke ulwazi analo enkantolo ukuze kuqhubeke ukuqulwa kwecala ngendlela efanele,” kusho iJaji.
Ijaji lithole ukuthi asikho ngempela isitatimende esibhaliwe esenziwa yilo fakazi futhi namanothi nawo awekho.
Ngemuva kwalokho, inkantolo ibe isiyalela ummeli uMnisi ukuba aqhubeke nokupheka ngemibuzo ufakazi kusukela ekuqaleni.
Lokhu akwenzekanga njengoba ummeli womsolwa wokuqala nowesibili becele ukupheka lo fakazi ngemibuzo kulandela ukuyalelwa ngabamele ukuba aye esifundazweni saseNorth West ayoqinisekisa ubufakazi obethulwe nguConstable Zungu.