IMPICABADALA yokuphambana kwezidumbu ezintathu esibhedlela iSt Mary’s, eMariannhill seyiholele ekutheni kube khona isidumbu osekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye sibhadle emakhazeni ngoba kulindwe ulibofuzo.
Umndeni wase-Unit 4, eHammarsdale, ozithola ubandakanyeka kule nsumansumane, uthe usuze waliphosa ithawula ngokuthi uyoke ukuthole ukusizakala.
Zivele zizehlele izinyembezi kuNksz Nomasonto Ntuli ongunina wengane engakangcwatshwa uma echaza ngosizi azithola esebhekene nalo.
Uma elandisa uthe bekungu-Okthoba 30, nyakenye, ngesikhathi ephuthuma kulesi sibhedlela eyoteta.
Ngeshwa uthi umntwana wakhe wamteta eseshonile okuyinto athi yamhlukumeza kakhulu emphefumulweni.
Uthe abazange bapholise masekho yena nesoka lakhe, uMnuz Siyanda Magwaza, baqala benza amalungiselelo okufihla usana lwabo lwentombazane.
"Samlanda esibhedlela sase simenzela umngcwabo emathuneni aseHammarsdale, okungamathuna omphakathi,'' kulandisa lo wesifazane.
Ngemuva kwesikhathi esingangamasonto amabili agcwele, lo wesifazane uthe wathola ucingo olwaluvela kumphathi wesibhedlela ecela ukuhlangana naye nomndeni wakhe.
Uthe abazange bachithe sikhathi banikela khona esibhedlela beyohlangana nomphathi wesibhedlela.
"Kwathi sengifikile khona wangitshela ukuthi ngingcwabe isidumbu okungesona esami. Ngazizwa ngihanjelwa yingqondo, ngangazi nokuthi ngizophendula ngithini,'' usho kanjena.
Eqhuba, uthe umphathi wesibhedlela wamtshela ukuthi esakhe isidumbu singcwatshwe umndeni wakwaBusane ohlala KwaNgcolosi.
"Ngemuva kokuzwa lokho, sabe sesithola izinombolo zalowo mndeni sakhuluma nawo. Sagcina sihambile sayomba isidumbu somntanami KwaNgcolosi,'' echaza.
Uthe emuva kwalokho. bathole ukuthi umndeni wakwaBusani nawo wagcina usungcwabe kabusha ngoba wasithola isidumbu sawo naso esasiduke esibhedlela.
Uveze ukuthi isidumbu sesithathu lesi bona abasingcwabe eHammarsdale, asikambiwa futhi akwaziwa ukuthi sona ngesikabani ngempela.
Yonke le nto lo wesifazane uthe imenza asanganelwe yingqondo ekubeni vele usahluleka ukwamukela izindaba zokuthi usana lwakhe waluteta seluthule.
"Iyangihlukumeza le nto, angisazi ngempela ukuthi ngithatheni ngihlanganise nani ukuze ngisizakale kulesi simo. Ngifuna ukungcwaba usana lwami kodwa kuthiwa angilinde kubuye imiphumela yolibofuzo,''echaza.
Okwesibili; uthe ufuna kuyombiwa lesiya sidumbu esiseHammarsdale, naye angasazi ukuthi ngesakwabani?
Uthe uvule icala ngenxa yalesi simo akholwa ukuthi siyamhlukumeza namanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala.
Uthe kunowesifazane owangcwaba isidumbu angasazi. Inkinga yaqala ngesikhathi eshonelwa usana esibhedlela saseMariannhill.
"Umbiko okhona uveza ukuthi ngemuva kokuba eseqedile ukungcwaba, wabe esethola ukuthi ungcwabe isidumbu okungesona esakhe,'' usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz uNtokozo Maphisa ephawula ngalolu daba uthe: "Abaphathi besikhungo sezempilo esithintekayo bayasebenzisana nemindeni ethintekayo njengoba sebeke bahlangana lwadingidwa udaba kabanzi.’’
Eqhuba, udalule ukuthi ingane yesithathu kuvela ukuthi ngekamama waseZimbabwe, osekuke kwenziwa imizamo yokuthi atholakale kodwa ubengakatholakali.