IBHEKENE nembedumehlwana imindeni emibili yaseThandanani, eTrenance Park, eVerulam, kulandela ukubekwa kwabantu emhlabeni wayo okukhona kuwo namathuna.
Ngokusho kwayo, laba bantu asebakhe kule ndawo, babekwa yikomiti le-ANC elihlala ezindlini zemixhaso eziseduze kwale ndawo. Imindeni ethintekayo owakwaCebekhulu nowakwaNdlela.
UMnuz Nkosinathi Cebekhulu ekhuluma neSolezwe, uthe ukubekwa kwabantu kuqale ngo-2022 kodwa kube mandla ngoDisemba nyakenye.
“Izindlu ezakhiwe phezu kwamathuna asekhaya zilinganiselwa ku-30, angizibali ezinye eziyinqwaba ezakhiwe emhlabeni ongenamathuna,” kusho uCebekhulu.
Uthe uke waxoxa nabantu asebakhe emathuneni akubo, bamtshela ukuthi ikomiti belibakhokhisa uR800, ikesi likabhiya, ibhodlela nenyama yokosa.
Uthe le nto ibaphatha kabi kangangokuthi balubikile udaba ezinhlakene ezehlukene okukhona kuzo namaphoyisa.
“Sekunesikhathi sibikile kodwa asiwuboni umnyakazo,” kusho uCebekhulu.
Uveze ukuthi bake bazama ukubiza umhlangano nalaba asebehleli emhlabeni wabo, ikomiti athi libabekile nemindeni yomibili ethintekayo, kodwa wabhuntsha umhlangano njengoba bengafikanga abakhe emhlabeni wabo.
“Sigcine sithola ukuthi ikomiti libatshele ukuthi abangezi, lizobamela bona. Sawuduba ke umhlangano ngoba besifuna bageqe amagula phambi kwawo wonke umuntu ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi bakhe phezu kwamathuna ethu,” kusho uCebekhulu.
Uqhube wathi afuna ukukubona kwenzeka ukuthi ajeze amalungu aleli komiti ngesenzo sawo.
“Sifuna ukuthi laba abahleli emathuneni asekhaya basuke. Singabantu abamnyama, le nto eyenzekayo ukuthi abantu bakhe emathuneni asekhaya iphambene nesiko nenkolo yethu,” kusho uCebekhulu.
Osohlangothini lomndeni wakwaNdlela, uMnuz Zakhele Ndlela, uthe bake bazama kaningi ukuxoxa nabantu abakhe emhlabeni wabo ukuthi bapheze ukwenza lokhu.
“Abanye babeqonda isikhalo sethu bayeke, kodwa abanye baqhubeke,” kusho uNdlela.
Naye uthe abahambisani nokwenziwa ikomiti.
“Ikomiti lenza imali ngomhlaba wethu. Njengoba bakhe baze bafika nasemathuneni, sifuna basuke,” kukhala uNdlela.
Kuthintwa uMnuz Msawenkosi Zuma osekomitini, uthe akukho angasiza ngakho intatheli.
“Asikwazi thina lokho ukuthi badlelwe umhlaba. Ngisekomitini lomphakathi kodwa umsebenzi wethu ukuhambisa izidingo kubantu, hhayi okunye. Abantu abadla umhlaba bakwenza lokho ngendlela yabo,” kusho uZuma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokungena emhlabeni ngokungemthetho nokuthikanyezwa kwempahla.
“Ofake isikhalazo uthe iqeqebana labantu badle umhlaba, bakha izindlu ngaphandle kwemvume. Uthe bacekele phansi amatshe amathuna. Udaba lusaphenywa,” kusho uLt Col Gwala.