UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, uthe inkinga yokungasebenzi kwentsha kayibhekene nelakuleli kuphela kodwa yinkiyankiya ebhekene nomhlaba wonke.
Uthe yinkinga edinga ukulungiswa ngokuthi kube nezinhlelo ezehlukene.
Ubalule ukuthi ziningi izinguquko abazenzayo ukuheha abatshalimali ukuthi beze kuleli bazofaka imali.
“Ubhubhane iCovid-19, lusishaye kwazwela kuleli. Silahlekelwe yinqwaba yemisebenzi kuleli ngenxa yaleli gciwane. Siyazama ukubuyisa ithemba kanjalo nemisebenzi emva kwalolu bhubhane,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ephendula imibuzo emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende.
Uthe emhlabeni nalakuleli abantu abaningi yintsha edinga imisebenzi.
Uveze nokuthi babalelwa ngaphezu kuka-16 million abantu abatohozayo ezweni.
“Eyokungasebenzi akuyona into esingadlala ipolitiki ngayo. Yinto edinga ukuthi sonke sibambisane, noma ngubani ongaba nombono wokuthi yikuphi okumele sikwenze, akeze nayo.”
Amalungu alo mkhandlu akhale ngokuthi amakhono akhiqizwa kuleli kawahambisani nokudingwa ngumnotho wezwe.
URamaphosa uthe izikhungo zemfundo ephakeme, okubalwa amakolishi amakhono ama-TVET kuneqhaza elibalulekile okumele kulibambe.
Umbiko wakamuva wokubalwa kwabantu ezweni uveze ukuthi izinga lokungasebenzi entsheni kuleli libalelwa ngaphezu kuka-51%.
Kulo mbiko kuphinde kuvele ukuthi siyanda isibalo sabalaxaza isikole bengaqedanga u-matric.
URamaphosa uveze nokuthi basusa imigoqo evimba abesifazane ukuthi bathole amathuba emnothweni wakuleli.
“Sifuna abesifazane ukuthi athole imisebenzi abasebancane. Cishe emathubeni angu-1.4 million akhiwe wuhlelo lukamengameli eminyangweni ehlukene kahulumeni, u-60% wawo utholwe ngabesifazane.
Abebesemkhakheni wezemfundo, u-80% wabo ngabesifazane abasebancane. Yinto esiziqhenya ngayo ngoba sifuna baqhubeke nokuthola imisebenzi.”