LIYOSHONA elanamuhla sezazi ngekusasa lazo izelamani zakwaGovender ezalahlwa amacala athinta izibhelu zasePhoenix, ngesikhathi somtapo ngoJulayi, 2021.
UMnuz Dylan noNed Govender babekade bethweswe icala lokubulala uMondli Majola (19) namathathu okuzama ukubulala oMnuz Nkululeko Mangwe, Mxolisi Putuzo noQaphelani Mkhovu.
NgoMeyi, nonyaka, iJaji uGregory Kruger, leNkantolo eNkulu yaseThekwini, lakhipha phambili oGovender ecaleni lokubulala uMondli ngenxa yokushoda kobufakazi kodwa labalahla ngelokushaya ngenhloso yokulimaza.
UKruger waphinde wathola bushoda ubufakazi boMbuso ekulahleni oGovender ngecala lokubulala uMangwe kodwa wabathola benecala lokushaya.
Laba ababili balahlwa ngecala lokuzama ukubulala uPutuzo.
UMbuso walihoxisa icala lokuzama ukubulala uMkhovu owawulithweswe oGovender ngoba sewashona, esehlakalweni esingahlobene nezibhelu.
Emuva kokulahlwa ngamacala oGovender, uKruger wayelula ibheyili yabo kaR15 000 umuntu eminye ngemibandela efanayo.
Kwashona abantu abalinganiselwa ku-36 ePhoenix, kulesi sibalo abangu-33 kwakungabohlanga ababulawa ngokudutshulwa, ukugencwa nokushaywa kanzima.
Okwakwenzeka ePhoenix kwachazwa uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi kungenzeka kwakugqugquzelwa inhlese yobandlululo.
Kwadingeka kutshalwe amasosha ePhoenix emuva kokuthi yayisishiphelene kwabohlanga nomphakathi wamaNdiya.
Kwaphoqa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa abumbe ithimba elalizodala uzinzo, ukuthula nokubuyisana kwabohlanga namaNdiya.
Kwashona abantu ababalelwa ku-350, kwalahleka imisebenzi engu-150 000, kwadaleka umonakalo obalelwa kuR50 billion emnothweni wezwe.
Izibhelu zaqala KwaZulu-Natal zanabela ezingxenyeni ezithile eGauteng, emuva kokuthi abantu babekade benengwe ukuboshwa kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.