Esinqumeni sokunqoba kukamsunguli we-Please Call Me, uNkosana Makate, iNkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, ithole iVodacom ifuna ukumnika imali encane futhi lesi sikhondlakhondla somakhalekhukhwini kumele sibuyekeze isiphakamiso saso senani elifanele.
Inkantolo inikeze isikhulu saseVodacom, uShameel Joosub, inyanga eyodwa yokubala kabusha lokho okukweletwa uMakate, kusetshenziswa imihlahlandlela ekhishwe yiyo inkantolo.
IJaji uWendy Hughes likubeke kwacaca ukuthi izibalo ezasetshenziswa wuJoosub phambilini ngesikhathi enikeza uMakate uR47 million ngecebo lakhe elikhaliphile, azimfanele.
Nakuba ijaji lithi iVodacom isesimeni esingcono kunenkantolo yokubala ukubaluleka kwangempela kokusungulwa kweqhinga likaMakate, inikeze imihlahlandlela ethile yokuthi yini okufanele ibhekwe uma kubalwa kabusha inani lemali okumele ayenze.
IJaji uHughes liyalele ukuthi uMakate unelungelo lokukhokhelwa u-5% wesamba semali engenayo etholwe emkhiqizweni we-Please Call Me - kusukela ngoMashi 2001 kuya kuMashi 2021, hhayi iminyaka emihlanu kuphela, njengoba kubalwe ngaphambilini nguJoosub.