LIDLULE ngehubo elakuleli ecaleni lapho belimangalele i-Israel ngodaba lwempi nePalestine. UMengameli we-International Court of Justice, uJoan E Donoghue, ukhiphe isinqumo ngoLwesihlanu evuna iNingizimu Afrika.
Isimo sishubile phakathi kwe-Israel, nePalestine futhi sekuphume inqwaba yemiphefumulo selokhu kwaqala impi. Elakuleli lamangalela i-Israel, leseka iPalestine lithi lizwelana nayo.
IJaji uDonoghue likhiphe isinqumo eThe Hague, eNertherlands, lapho belihambisana khona nenqwaba yamanye amajaji enkantolo. Iphuzu ebelibangwa kakhulu wukuthi i-Israel, yenze isenzo sokubhubhisa abantu yangahlonipha amalungelo abo.
IJaji lithe nebala i-Israel, ibabhubhisile abantu futhi lagxila emaphuzwini abekwe yiNingizimu Afrika, lathi ayezwakala. Kukhishwe umyalelo wokuthi i-Israel yenze imizamo yokunqanda konke lokhu okwenzekayo futhi kufanele ithumele umbiko wokuthi izokwenza kanjani.