IZALELWE yinja endlini iDA ngemva kwesinqumo senkantolo esithi kufanele kudliwe impahla yayo ngenxa yesikweletu sikaR 340 000, okufanele isikhokhele uMasipala weTheku.
Isolezwe ngeSonto linamaphepha enkantolo achaza kabanzi ukuthi kufanele kuyoshaqwa impahla yaleli qembu. Amaphepha athi kufanele kudliwe impahla emahhovisi ayo eCape Town.
Udaba lusukela ngo-2020 ngesikhathi owayengumholi wekhokhasi yeDA kuMasipala weTheku, uNksz Nicole Graham, emangalela umasipala ewuvimba ukuthi uphasise isabelomali sawo. UNksz Graham wayekhala ngokuthi uvaliwe ngesikhathi ezama ukuphawula emhlanganweni owawubanjwe ngezobuchwepheshe. Inkantolo yachitha iDA, yakhipha umyalelo wokuthi ikhokhe izindleko zecala.
Kumanje kuNksz Graham, akaseyona ingxenye yekhokhasi yeDA eThekwini, washiya ebika ukuthi uyoqhuba izifundo zakhe phesheya.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe bazokwenza konke okusemandleni ukubuyisa imali yomkhandlu noma ngabe seside kangakanani isikhathi esesidlulile kungakhokhiwe. UKaunda uthe uyadumala ngoba iDA ihlala izenza abantu abamele umthetho nobulungiswa kodwa igweve nemali yomkhandlu.
UMholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe uyazi ngodaba lwecala kodwa akukho ezingeni lakhe ukuthi aphawule, walukhomba kumholi wesifundazwe. UMholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Francois Rodgers uthintwe kaningi engatholakali wathunyelelwa imibuzo kepha wangaphendula.
Okhulumela iDA kuzwelonke uMnuz Mpho Malatsi, uthe wudaba okufanele ludingidwe yikhokhasi yabo kuMasipala weTheku. Uthintiwe futhi uMthethwa ohola ikhokhasi yeDA eThekwini, wangabe esatholakala ocingweni. Bese lukhala, luze luvaleke wagcina engatholakalanga.