SICHITHWE nezindleko yiNkantolo yezokuLingana eWestern Cape, isicelo sokudluliswa kwesinqumo esifakwe yiStandard Bank sokuthi ivale ama-akhawnti enkampani iSekunjalo Group.
Ngesonto eledlule iJaji Judith Cloete lilalele isicelo sokudluliswa kwesinqumo, njengoba ngoSepthemba nyakenye, le nkantolo yayalela amabhange ayesonga ngokuvala ama-akhawunti eSekunjalo Group, ukuthi alumise lolo hlelo.
I-Standard Bank yasidlulisa leso sinqumo, okuthe izolo iJaji Cloete laphikisa lesi sicelo, lama esinqumweni saphambilini.
Uveze ukuthi iSekunjalo Group kumele inikezwe ithuba lokuveza uhlangothi lwayo enkantolo kulokho esolwa kukho.
USihlalo weSekunjalo Investment Holding, uDkt Iqbal Surve usijabulele isinqumo senkantolo.
“Eminyakeni edlule bekulokhu kuwugingqigongqo ngezinqumo zenkantolo. Nakuba kunjalo, siyathobeka kakhulu futhi sizizwa sinokuthula ukuthi manje sesizokwazi ukuqhubeka nokusebenza ngaphandle kokusaba ukuthi kunama-akhawunti azovalwa.
Iphuzu lethu elisemqoka wukukwazi ukuveza eNkantolo yezokuLingana ukubandlulwa kwethu yilawa mabhange, kungesiyona iStandard Bank kuphela,” usho kanje.
IJaji Cloete linqume ukuthi bekuzobe akubona ubulungiswa ukuvumela isicelo sokudluliswa kwesinqumo njengoba bekuzolalelwa esikhathini esifishane kunesejwayelekile, njengoba bekuzomele silalelwe ezinyangeni ezinhlanu esikhundleni sonyaka.
Ijaji lisichithe nezindleko lesi sicelo kuwona womabili amacala, eliseNkantolo eNkulu neliseNkantolo yezokuLingana.