IJAJI ebelisingethe icala lenkohlakalo lobeyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, likhwele ladilika ethimbeni loMbuso lilisola ngokuletha icala elintekenteke enkantolo.
UMabuyakhulu nabanye abeboshwe nabo baphume phambili kuwowonke amacala eNkantolo eNkulu, eThekwini izolo.
Bebebhekene namacala enkohlakalo besolwa ngokudla uR28.6 million womcimbi iNorth Sea Jazz Festival.
UMabuyakhulu wayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo ngesikhathi kuhlelwa lo mcimbi ngo-2012.
Abanye abebeboshwe noMabuyakhulu wuMnuz Desmond Golding owayeyinhloko yomnyango, Mnuz Ceaser Mkhize umnikazi wenkamapani iSoft Skill 100 CC. UMkhize uphinde abe ngumnikazi weShaka Holdings neMaqhoboza CC.
Kukhona uNkk Nothando “Mamgo” Zungu oke waba wumsakazi odumile weGagasi FM, owayeyingxenye yenkampani iSoft Skills Communication abe wumnikazi wenkampani Ishashalazi Production CC.
Omunye nguMnuz Mabheleni Ntuli ongumnikazi weSupersize Investment 20 CC.
Kukhona noNkk Brenda Ninela nomyeni wakhe uMnuz Mzwandile Ninela benkampani iShinga Holdings. Kukhona noMnuz Ntokozo Ndlovu wenkampani iDMD Capital. UMabuyakhulu obengaphandle ngebheyili kaR50 000, wayeboshwe ngo-2018 kodwa ukuqulwa kwecala kwaqala ngo-2021.
UMabuyakhulu nabanye ngeledlule bebefake isicelo ngaphansi kuka-Section 174 weCriminal Procedure Act, ogunyaza ummangalelwa ukuthi, uma uMbuso uqeda ukwethula ubufakazi, yena angacela ukuchithwa kwecala uma ekholwa wukuthi ubufakazi abenele. Inkantolo icubungule leso sicelo sabo yavuna bona yashiya engalazi kwaboMbuso.
IJaji Mahendra Chetty, lethula isinqumo salo, lithe uMbuso awunamathelanga ezitatimendeni owawuzethule ekuqaleni ngesikhathi uveza ukuthi unobufakazi obuqanda ikhanda bokugojela abamangalelwa.
“Okugqamile wukuthi ofakazi boMbuso abaqavile bebengekho, labo abebekhona bethule obungathi shu. Bekunzima ukuqinisekisa ukuthi uMbuso ulethe amaphepha angempela yini,’’ kusho ijaji.
Okhulumela i-NPA KwaZulu-Natal uNkk Natasha Ramkisson - Kara, uthe basizwile isinqumo senkantolo basazocubungula kabanzi.
Ebuzisiswa ngezinyathelo abazozithatha uvele wama kulokhu akusho ekuqaleni wangabe esafuna ukwanda kakhulu.
UMabuyakhulu uthe wayevele azi kwasekuqaleni ukuthi akanacala kodwa wahlonipha umthetho ukuthi wenze umsebenzi wawo.
“Asikaze silingeke nakancane ukuthi siphendule esidlangaleni noma ngabe kwakusabalala okungeyikho. Sisakholelwa namanje ekusebenzeni komthetho, ekugcineni amagama ethu agezekile. Ngesikhathi luvela lolu daba ngabona kufanele ngikhombise ukuvuthwa nakuba ngangazi ukuthi anginacala, sibekezele sadedela umthetho,’’ kusho uMabuyakhulu.
Uthe ukungabonakali kwamalungu e-ANC enkantolo, akumchazi njengomholi ongesekwa muntu kodwa wuyena owazicelela ukubhekana necala yedwa.
Omunye wabameli babasolwa, u-Advocate Jay Naidoo, uthe bayajabula ngesinqumo. Uthe uMbuso uhluleke wancama ukuveza ubufakazi.
“Siyajabula kakhulu futhi besazi kusukela ekuqaleni ukuthi akunabufakazi. Icala liphazamise amabhizinisi abamangalelwa, sekuyoba kubona ukuthi bathatha ziphi izinyathelo kodwa sizoxoxa sibonisane nabo sithathe imiyalelo yabo,’’ kusho uNaidoo.