UMKHANKASO wokugqugquzela abantu ukuthi baphuze ngokwamukelekile ukhombisa ukuthi abaphisi bakabhiya bazimisele ukwehlisa izinga eliphezulu lokuphuzwa kotshwala.
UNdunankulu waKwaZuluNatal, uNkk Nomusa Dube Ncube, usho lokhu izolo ngesikhathi inkampani ephisa ubhiya iSuth African Breweries (SAB) yethula imali enguR825 million ezosiza ukuyivusa nokuyithuthukisa, ezinye izigidi zemali ezizosetshenziselwa ukusiza umphakathi.
I-SAB inomkhankaso oqhubekayo wokugqugquzela abantu ukuthi bangaphuzi kakhulu.
UNkk Dube Ncube uthe imali izosiza inkampani ukuze kudaleke amathuba omsebenzi angu-25 000, ivuselele ithemba ebantwini bakulesi sifundazwe, ngemva kokuphazamiseka kokusebenza kwayo ngesikhathi seCovid-19, nangesikhathi kuhlasela izikhukhula ngo-Ephreli, kwalimala ingqalasizinda yokusebenza enkampanini.
“Njengohulumeni wesifundazwe kuyasijabulisa ukuthi le mali izosiza ekwakhiweni kweminye imisebenzi engu-25 000. Lokhu kutshalwa kwemali kuzoba nomthelela omuhle okungenani ebantwini abangu-125 000 esifundazweni sethu.
“Akukho ukuziqhenya ngomuntu okudlula ukuthi akwazi ukubeka ukudla etafuleni akwazi ukunikeza isithunzi emndenini ngokubhekelela izidingo zawo ngendawo yokuhlala nemfundo,” kusho uNkk Dube Ncube.
Isikhulu esiphezulu saseSAB, uMnuz Richard Rivett-Carnac, sithe emalini enguR652 million kuzohlomula kuyo izinkampani okuzothengwa kuzo izinsiza ezidingekayo.
Undunankulu uphinde waqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe umatasa nomsebenzi wokwakha kabusha isifundazwe ngemuva kokukhinyabezeka komnotho ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19, izinxushunxushu zangoJulayi 2021nezinhlekelele zezikhukhula. Uthe bafuna ukuthi iKwaZulu-Natal ibe yindawo abatshalimali abayikhethayo.
Uthe isifundazwe sisanda kwethula umkhankaso wezinsuku eziyi-16 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, oqale ngeledlule ozophela ngoDisemba 10.
"I-KZN iqhubezela phambili lo mkhankaso njengoba inqume ukwenza ukulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili kube yizinsuku ezingu-365 onyakeni, hhayi nje izinsuku ezingu-16,” kuphetha uNkk Dube Ncube.